SHEILA MHLONGO
Njengoba iNingizimu Afrika ibungaza Inyanga Yabesifazane uChief Justice Rayond Zondo wethule ngokusemthethweni I- 2024 Bridgette Mabandla Aspirant Women judges’ Programme, okuwuhlelo lokuthuthukisa abesifazane abasemkhakheni wezomthetho (judiciary).
Ngokombiko ocashunwe kwi phephandaba lesingisi eliphuma kanye ngesonto iCity Press, uthi loluhlelo luqanjwe ngomele elakuleli ezweni lase Sweden, nowayenguNgqongqoshe wezoMthetho uBridgette Mabandla, okuwumbono owaqhamuka ngesikhathi esenguNgqongqoshe wezoMthetho kanye nokuThuthukiswa kweNtando Yeningi ngaphansi kowabe enguMengameli uMnu Thabo Mbeki.
Loluhlelo lwezinyanga eziyishumi nambili (12) olwethulwa iSouth African Judicial Education Institute (SAJEI) luqonde ukuqeqesha nokuqondisa labo abesifazane abafisa ukuba amajaji. Lwenzelwe abameli, noma abasebenza kwezomthetho abaneminyaka okungenani ebalelwa ku-12 besebenza kulendima, ukuze bakwazi ukuba sethubeni lokuqokelwa ezikhundleni zokuba sehhovisi lamajaji.
Ngesikhathi ethula loluhlelo uJaji Zondo eRosebank eGoli ekuqaleni kwenyanga ka Agasti, ubonge uAmbassador Mabandla ngokusungula loluhlelo lwe Aspirant Women Judges Programme ngesikhathi eseyilunga lephalamende. Lomcimbi wokwethulwa kwaloluhlelo ubuthanyelwe abesifazane abadumile emkhakheni wezomthetho kuhlanganisa noJudge Monica Leeuw, onguSihlalo we Carriculum Planning and Development Committee kwi SAJEI council kanye no Mengameli wamaJaji KwaZulu-Natali uThoba Portia Poyo-Dlwati.
UJaji Zondo ubongele labo abaqokiwe ukuthi bangenele loluhlelo wathi kumele nabo baziqhenye ngempumelelo yabo, uthe ngisho no Justice Mahube uBetty Molemela onguMengameli we Supreme Court of Appeal (SCA) wake waba ngaphansi kwaloluhlelo.


