USiboniso Duma ubonge amasosha ezimpi ngezindlu ezintsha

Esithombeni: Omunye wabahlomulile, umakadebona wezempi uJabulani Mthembu, 59, uthole okhiye bakhe kuNgqongqoshe wezokuThutha nokuHlaliswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma. Isithombbe: Dailynews

OWAMI THABETHE

UNgqongqoshe wezokuThutha nokuHlaliswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma, unikeze omakadebona bezempi izindlu abangu 9 eCopesville, eMgungundlovu, mhla zingu 01 kuSepthemba.

UDuma uthe amasosha ezimpi ayifa elibalulekile okumele libongelwe iminyaka eminingi ezayo. Uphinde wathi kungenxa yemizamo yabo lapho ngo-April 27, 1994, sathola inkululeko yezombusazwe kanye nentando yeningi esiyijabulelayo namuhla.

“Namhlanje silapha e-Copesville kuwadi 29 ukuzohlonipha omakadebona bezempi ngokuzinikela kwabo ngokunikezela ngokhiye bezindlu abangu 9 kwezingama-20,” kusho uDuma.

Ubuye wengeza ngokuthi sebeyivuselele kabusha imizamo yokusheshisa ukwakhiwa kwezindlu zabo ngokubambisana noMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu kuzwelonke, uMnyango woMakadebona bezempi kanye nezinhlaka ezahlukene  zamasosha ezifana ne-Azanian National Liberation Army (AZANLA), i-Apla Military. Omakadebona (APLAMVA) kanye noMkhonto weSizwe Military Veterans’ Association (MKMVA).

Ubonge uNgqongqoshe Wezokuhlaliswa Kwabantu, uMmamoloko Kubayi, ngokwesekwa nesisekelo esiqinile esabekwa ngoNgqongqoshe bangaphambili balo mnyango.

Umakadebona wezempi, uJabulani Mthembu, 59, uthe useqala ngqa ukuba nendlu ethi yena. Uthe wathola isibonelelo sikahulumeni esiyisipesheli kuphela kwiGovernment Employee Pension Fund (GEPF) njengomthombo wemali.

“Sibuyile isithunzi sami. Ngibonga kakhulu kuNgqongqoshe kanye nomnyango. Manje senginendawo okokuqala ngqa empilweni yami,” kusho uMthembu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *