SHEILA MHLONGO
Sikhulu isililo ngokudlula emhlabeni kukaSosayense wesifazane onsundu,nokungowokuqala eNingizimu Afrika kulomkhakha we neclelar science uSenamile Masango (37) oshone ngokukhulu ukuzuma ngeSonto lomhlaka 9 Febhuwari 2025, emva kokugula isikhathi esifushane.
Facebook X LinkedIn Tumblr Pinterest Share via Email Print
Ukudlula emhlabeni kwalentokazi yakwaMasango KwaNongoma kuye kwaduma ngisho ezinkundleni zokuxhuma abantu bezwakalisa ukushaqeka njengoba bethi bebesalindele lukhulu kuSenamile ngenxa yokukhalipha kwakhe emsebenzini wezesayense.
Ngokwesitatimende esikhishelwe abezindaba sivela kwi-SANews, uNgqongqoshe wezeSayense, nezobuChwepheshe uSolwazi Blade Nzimande naye uhambe emazwini kaMengameli wezwe uMnu. Cyril Ramaphosa ozwakalise umyalezo wokulilela uSenamile ngokudlula kwakhe emhlabeni wathi ubenekusasa eliqhakazile futhi ebebambe iqhaza elikhulu eNingizimu Afrika emkhakheni wezesayense, ehlonishwa ngenxa yekhono lakhe kulomkhakha.
UNgqongqoshe uNzimande uchaze wathi uSenamile ubebambe isikhundla sokuba ilunga leBhodi kweze Nuclear Energy Corporation of South Africa (NECSA) nokulapho ebenguSihlalo wekomidi le Research and Development. Kanti futhi uke wahlonishwa emikhakheni eyahlukene okuhlanganisa ukuba omunye kwabangu 50 abaqokelwa ukuthi babe kwithimba lososayense bokuqala base-Afrika ukuba ingxenye ye -European organisation ukwenza ucwaningo nge nuclear ezweni lase Switzerland (CERN).
“Uphinde wahola ithimba ebelimele iNingizimu Afrika kwi BRICS Youth Energy Agency lapho benza khona ucwaningo.” kusho uNzimande.
UMasango ubekhaliphe kakhulu ukwedlula ukwenza njengoba ubephinde abe ilunga le Human Resource Development Council (HRDC) okuyi bhodi yabeluleki eholwa iPhini likaMengameli wezwe uMnu. Paul Mashatile. USenamile ubenogqozi lokukhuthaza intsha ensundu ukuthi ingene kulomkhakha wezesayense ikakhulukazi amantombazane.
Ngenxa yogqozi abe nalo kwezesayense ngonyaka ka-2015, uSenamile wasungula inhlangano iWomen in Science and Energy in Afrika (Wise) ngenhloso yokuthuthukisa intsha engamantombazane kwezesayense.
Ngesikhathi edlula emhlabeni ubephezu kocwaningo eTriumf, Canada’ National laboratory ye neclear kanye neparticle physics, kanti ubelungiselela ukuqhuba izifundo zakhe kwi PHD in Nuclear Physics. “Konke lokhu kubonisa kakhulu indlela izwe elilahlekelwe ngayo kwezesayense.” kubeka uNzimande.
UNgqongqoshe uNzimande uphethe ngokwedlulisa amazwi enduduzo emdenini, kubangani kanye nakozakwabo abesebenza nabo. Sengathi ukuzinikela kwakhe emsebenzini kungaba isibonelo kuphinde kukhuthaze intsha yamantombazane ukuthi ingene kulokhakha wesayense.” Nzimande. SANews.gov.za

