SHEILA MHLONGO
Indawo yase Richmond eyabe idume ngodlame lwezepolitiki ngeminyaka yombuso wobandlululo, isishintshile manje ngoba isidume ngezindaba ezinhle yaphenduka isibonelo esihle.
Kuyo lendawo kukhona uMasipala iRichmond ekwibalazwe elimaphakathi nendawo yaKwaZulu-Natali (Midlands) Lomasipala usanda kuthola izindaba ezinhle zokwenza umsebenzi omuhle kwezokuphathwa kokuletha izidingo kubantu njengoba uMcwaningi maBhuku (Auditor General) ewunikeze umbiko omuhle kunyaka wezimali ka-2023/2024.
Ngokwesitatimende esithunyelwe kwabezindaba sithi lokhu kuwubufakazi bokuthi loMasipala wenza umsebenzi omuhle wokuphatha, ubuholi, kanye nasekuhanjisweni kwezidingo zomphakathi. Lesitatimende siza emva kokuthi ubuholi obuphezulu kuloMasipala bubambe isithangami sabezindaba ebesingomhlaka 30 Januwari, ngenhloso yokucacisa mayelana nempumelelo yabo kwezokuphathwa kwezimali kanye nasekuhambiseni izidingo zomphakathi okuhambisana nokuphatha ngobunono ezezimali ukuze kwenziwe ngcono izimpilo zabantu.
IMeya kaMasipala, ukhansela Melikhaya Ngcongo uzwakalise ukuthi bayaziqhenya ngempumelelo yabo. “ Lombiko ongenawo ugcobho ukhombisa ngokusobala ukuthi sisebenza ngokuzimisela ukwethembeka kobuholi kanye nabasebenzi. Kuwubufakazi bokuthi indlela esiphatha ngayo izimali isezingeni eliphezulu sikwenza lokhu siqinisekisa ukuthi lonke ishumi lisetshenziswa ngendlela ukuze kubonakale impumelelo.”
UMeya uNgcongo ube esebala izinto eziseqhulwini nezibalulekile ezenziwe yiloMasipala, okuhlanganisa ukuthuthukiswa kwengqalasizinda, ezezindlu, ezemfundo, ezokongiwa kwemvelo, wagcizelela ngokuthi uMasipala usendleleni ebheke kwinqubekela phambili.
UMeya uNgcongo uphinde wabala ezinye zezinto ezenziwe uMasipala kulonyaka wezimali okubalwa lokhu okulandelayo:
- Ukwakhiwa kwezindlu ezingaphansi kohlelo lwe-RDP ezibalelwa
Ku-396 ezakhiwe a Agocy Ward 4, lezindlu ezisezingeni elinesithunzi lokuhlalisa imindeni.
- Inkundla yezemidlalo esezingeni eliphezulu yokuthuthukisa intsha kanye nendawo yokuzivocavoca.
- Ukuphothulwa komgwaqo oyibanga elingu 1.5km esendaweni yase Magoda/Siyathuthuka, osize ukuthuthukisa izimpilo zabantu nokwenza ngcono ezokuthutha.
- Ukuvulwa komtapo wolwazi Indaleni Library, ebuyisa ithemba kwezemfundo kanye nokuthekela ngolwazi emphakathini.
- Ukuthuthukiswa okuqhubekayo kwe Highover Wildlife Sanctuary, okuqinisekisa ukuzibophezela kukaMasipala ekongiweni kwemvelo
“Sifuna iRichmond yaziwe ngentuthuko kanye nokwenza kahle. Lokhu sokwenza ngokuthi silandele imigomo ye- Integrated Development Plan (IDP), siqinisekisa ngokuthi izakhamizi zethu zithola ushintsho lwangempela ezimpilweni zemihla ngemihla.” kugcizelela iMeya.
USomlomo kuMasipala ukhansela Khonziwe Mkhize,naye uhambe emazwini eMeya egcizelela ekutheni uMasipala iRichmond isidlulele ekubeni ngomunye womasipala abenza kahle kakhulu kwisifunda uMgungundlovu.
NgokoMgomo ka-2042 oyinkombandlela yethu. Umasipala ubonisa ukuba semgqeni ofanele obheke ekubeni indawo ethuthukayo kwezomnotho .Sesendlala isisekelo sokuthi ube indawo ethuthukayo ngokwenhlalo, kwezomnotho, amathuba omsebenzi,kanye nentuthuko eqhubekayo.
Ngaphezu komgomo wethu ka-2042, umasipala uphinde wethula uphawu olusha (logo) ewuphawu olunamandla lokukhombisa ukuvuselela, kanye nokuphatha okusezingeni. Lokhu kuyingxenye yokuqala ekhombisa isikhathi esisha kuMasipala iRichmond , okungumasipala ongabonakali ngendlela yakudala, kodwa ngendlela yamanje enenqubekela phambili.
Silandele kuzinkundla zokuxhumana Facebook :Richmond Municipality KZN.

