UMfu. Nare Katlego
Sizwe sakithi esinsundu , ngicela ukukhuthaza unyaka uqala , bantu bakithi kulonyaka masiyeke ukubulalana, ikakhulu amadoda masiyeke ukubulala abesifazane , kulonyaka odlule besekuze kungathi ukubulala yinto enhle amasoka ebulala izintombi zawo eshutha namavidiyo . Kwenzenjani size sijwayele into embi ebuhlungu kanje siyenze into encane ? Kulonyaka masizameni ukuyeka ukubulalana sizwe sakithi sikhule ekwakheni . Makuphele ukubulalana kulonyaka .
Obhalayo umfundisi Katlego Nare

