SHEILA MHLONGO
UNgqongqosheWezokuThutha nokuHlaliswa KwaBantu uMnu. Siboniso Duma ngomhlaka 3 Febhuwari 2025, ukhiphe isitatimende esibhekiswe kwabezindaba lapho azise khona Inkosi Mahlabunzima Maphumulo House ngokuthi ufisa ukwazisa ukuthi usejube ihhovisi ukuthi lihlele umhlangano namakhosi aseNdlunkulu nomphakathi lapho kade kusebenza khona iZululand Bus Service.
Isitatimende sifundeka kanjena, “Inkosi Mhlabunzima Maphumulo House: Ngenkulu inhlonipho, ngifisa ukwazisa umphakathi waseMtubatuba, eNseleni nakwezinye izindawo ukuthi sengijube ihhovisi ukuba lihlele umhlangano namakhosi aseNdlunkulu nomphakathi lapho obekusebenza khona iZululand Bus Service.
Kulomhlangano ngizokwazisa Amakhosi aseNdlunkulu nomphakathi wonke jikelele ngokumiswa kwesivumelwano sokuthutha umphakathi.
Lesisivumelwano siphakathi koMnyango kanye neZululand Bus Service, saziwa nge ZNT 1176 (B) kanti sasayinwa ngo-2016 sase siphinda siyavuselelwa.
Abaphathi balenkampani yamabhasi baphule imibandela yokusebenzisana nokwenza umsebenzi wesizwe ngobuqotho, nangokwethembeka.
Njengoba silinde ukuhlangana namakhosi nomphakathi, ngifisa ukuveza ukuthi kusukela ngonyaka odlule, sezibeningi izikhalazo ezivela emakhosini aseNdlunkulu, abefundisi bamabandla, umphakathi, abasebenzi, abashayeli kanye nabaholi bomphakathi.
Lezizikhalazo zimayelana nokuhluleka kweZululand Bus Service ukwenza umsebenzi wokuthutha isizwe okuhlanganisa ukusebenzisa amabhasi angu-27, ngokwesivumelwano.
Okunye obekuseqhulwini lezikhalazo yilokhu okulandelayo:-
●Amabhasi abuye angafiki ukuthutha umphakathi ukuze kuyiwe emsebenzini, ezikoleni, ezibhedlela, nakwezinye izindawo. Baningi abaxoshiwe ngenxa yokungayi emsebenzini.
●Amabhasi angekho esimeni esihle – anabuhixihixi okuhlanganisa ukungasebenzi kwamabhleki.
●Amabhasi angathelile futhi asebenza ngaphandle kokuthola izimvume ezisemthethweni emva kokuba esehloliwe.
●Ukubeka abagibeli engcupheni yezingozi ngenxa yokuthi amabhasi awekho esimeni sokuba emgwaqeni.
Ngingakuveza ukuthi emva kwesiteleka sabashayeli bamabhasi kanye nezikhalazo engazithola, ngajuba inhloko yoMnyango uSiboniso Mbhele kanye nethimba elingahleki lakwa Operation Shanela (Ibutho likangilokothe) ne-Road Traffic Inspectorate ukuba benze uphenyo.
Loluphenyo beluhlanganisa imihlangano nomnikazi wamabhasi, abashayeli bamabhasi kanye nezinyunyana.
Okunye kubandakanya ukuhlolwa kwamabhasi ukuthi asesimeni esihle yini.
UMnyango uthole izinto ezishaqisayo lokhu okwenze uMnyango uvule icala eMpangeni Police Station ngomhlaka 15 January 2025.
Okunye okushiya imibuzo ukuthi izincwadi ezingumgunyathi zokusebenza kwamabhasi (Certificate of Roadworthiness) zatholakala kanjani kwenye iProvince?
Sifisa ukwazisa umphakathi ukuthi kusukela ngoNovemba, ngajuba UMnyango ukuba umnxenxe umnikazi weZululand Bus Service ukuthi alungise isimo ukuze uma kuqala unyaka ka-2025 zonke izinto zibe sesimeni esigculisayo.
Saphinde samnikeza ithuba lokuthi alethe ubufakazi obuchitha lezizinsolo ezavezwa wuphenyo, kanye nezinsolo eziqhamuka kubasebenzi kanye nomphakathi.
Ngebhadi, isimo asilunganga kodwa kwabanhlanga zimuka nomoya.
Singakuqinisekisa ukuthi selokho kuqale unyaka umphakathi udonsa kanzima futhi abashayeli bamabhasi bayanqaba ukusebenza ngoba bethi awaphephile futhi yibona abazoboshwa uma kulimala abagibeli.
UMnyango awukwazi ukugoqa izandla.
Sesiya phambili, sifisa ukwazisa umphakathi ukuthi kunezinhlelo ezikhona zokuthutha umphakathi eNseleni naseMtubatuba.
Siyaqinisekisa ukuthi inkampani entsha ezothutha umphakathi, ibeka phambili ukusebenza ngobuqotho, ukunakekela isizwe, abashayeli nokuthi amabhasi aba sesimeni esihle sokuba semgwaqeni.
Siyaxolisa kuwo wonke Amakhosi aseNdlunkulu, abefundisi bamabandla onke, umphakathi, abaholi bomphakathi kanye nezinye izinhlaka. Lixhoshwa libhekile.” Kuphetha isitatimende


