Ngiyabingelela bantu bakithi emva kwenyanga yamaholidi ephasika . Ngicela ukukhuthaza isizwe esinsundu ngokubaluleka kokuvalelana ubuthaka . Bantu bakithi akekho kulomhlaba ongenabo ubuthakathaka bakhe sonke sinabo kodwa buhlukile abufani futhi abulingani kodwa konke ubuthaka . Ngakho ke uma imvelo ikunikeze ithuba lokubona ubuthaka bomunye isuke ingakuniki into yokuhleka kodwa ikuthuma ukumvikela bungabonwa ngabanye . Ovikela ubuthaka bomunye nawe uyovikelwa ngabanye obakhe injalo impilo . Asifundeni ukuvikelana ubuthaka bethu ngoba sonke sinabo.
Obhalayo uMfundisi Katlego Nare

