SHEILA MHLONGO
UDktl.Thobeka Ntini-Makununika uqale uhambo lwakhe lwe-PhD hhayi kumtapo wolwazi noma kwi-semina kodwa waqala ngesikhathi yena uqobo esemncane awenza kanye namalunga omndeni wakhe. Ucwaningo lwakhe lwe-PhD lubheka ubudlelwano phakathi kwabaphathi nabasebenzi basezindlini eNingizimu Afrika kodwa lugxile KwaZulu-Natali.
“Ngakhuliswa abantu besifazane abamnyama ababeziphilisa ngokwenza umsebenzi wasezindlini. Kusukela ngineminyaka engu-13 ngasebenza iminyaka eyisikhombisa ezindlini zemindeni yabamhlophe ngesikhathi samaholidi uma kuvalwe izikole kanye nakuma holiday resort okulapho ngazizwela khona impatho yokusebenza ezindlini.” Kusho uThobeka.
Uthi imfundo kuyena iyindlela yokulwa nezinhlupheko abesifazane bomndeni wakhe ababhekana nazo okungakho ebone ukuthi abhale ngakho. Ucwaningo lwakhe luveze ukuthi ukuxhashazwa kwenzeka kuzo zonke izinhlanga hhayi abamhlophe kuphela. Ucwaningo luphakamisa ukuthi kufanele kushintshwe indlela abantu ababheka ngayo umsebenzi wasezindlini futhi izinqubomgomo zibekwe phezu kwesimilo sobuntu – Ubuntu.
Ugcizelela ukuthi umsebenzi wasekhaya kufanele uhlonishwe njengezinye izisebenzi lokhu kubalulekile ekuqedeni ukungalingani emphakathini.

