Masiqaphele singakhulumi kabi ngabantu abadala phambi kwezingane zethu

UMfu. Katlego Nare 

Sanibonani sizwe sakithi. Bantu bakithi masiboqaphela sizifundisani izingane zethu ungakhulumi kabi ngomunye umuntu omdala phambi kwezingane .

Kungenzeka nihlobene noma anihlobene bese kubakhona ukukhubana kodwa kuqaphele ukukhuluma ngaye kabi phambi kwezingane zakho ngoba lokho kuzozenza zikhule zingabahloniphi abantu abadala bese kuyobanzima ekukhuleni kwazo ukunakekelwa ngabantu ungasekho wena . Uma ukhuluma kabi ngomunye umuntu omdala phambi kwezingane usuke uzibulalela  wena izingane zakho ziphila . 

Obhalayo Umfundisi Katlego Nare 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *