SHEILA MHLONGO
Kumele siqaphele ukuthi kuyabiza kakhulu ukusebenzisa imalimboleko (loan) ukuze ukhokhele izindleko zakho. Nakuba uzitshela ukuthi usukhululekile ngoba ukwazile ukukhokhela izindleko zakho zenyanga, iqiniso elimsulwa elokuthi usuyisigqila sesikweletu ngoba phela nyanga zonke kuzomele ulokhu uboleka uphindelela ukuze ukhululeke.
Lokhu ngikubone kakhulu kulenkinga ebhekene neNingizimu Afrika okumanje izithola ibhekene nokukhokha isamba sika-R1 billion ukuze isevise isikweletu, qaphela lokhu nakuba, lesamba sikhokhwa kodwa isikweletu sona asinyakazi kunalokhu izwe liyisigqila sesikweletu.
Lesikweletu uma uqaphela sidalwe ukuziba isimo sokusebenzisa budedengu imali ngokulokhu uhulumeni edala izindleko ezinkulu ngaphezu kwemali ayingenisayo, Kanti inkohlakalo nokukhwatshaniswa kwezimali eminyangweni kahulumeni,kuzwe lonke, kuzifundazwe kanye nakomasipala nakho kube imbangela enkulu yalenkinga yokuphila impilo yokuba isigqila sesikweletu, nokugcine ngokufaka enkingeni uNgqongqoshe wezeziMali kuzwe lonke, uMnu Enock Godongwane.
Phela uGodongwane uthe uma eqala ehlela iSabelomali sezwe wabheka macala onke wabona ukuthi inkulu inkinga ekhona kanti nendlela yokuphunyuka ayikho ngaphandle kokuthi amane enze lokhu akubone kulula ukuthi avele akhuphule Intela yempahla i(VAT) ukuze kube khona imali egarantiwe ezongenisa imali ngaphandle kokuthi aboleke.
Empeleni singabantu baseNingizimu Afrika sonke kumele sithole isifundo sokuthi ukuphila ngezikweletu noma ukuboleka imali ukuze sikhokhele izindleko akusona isisombululo ezinkingeni esibhekene naso.
Isixazululo sokubhekana nezikweletu ezidalwa izindleko ezingaphezu kwemali oyingenisayo akukaze kube imalimboleko kodwa, umuntu kumele aqale abhekisise izindleko zakhe noma imali ukuthi uyichitha kanjani ngoba ukungabi nemali eyanele oyitholayo kuchaza into eyodwa yokuthi kukhona lapho umosha khona.
Qaphelisisa kahle phakathi kwezidingo zangempela kanye nalokho okungukuhalela izinto zonke ongenaso isidingo sazo.Isibonele; utshwala, ugwayi, ukudla ema restorenti, ukuzula, ukugembula, ukwenza imicimbi engeke ikufakele imali, kanye nokunye.
Sengiphetha uma uzithola usenkingeni yezindleko ezingaphezu kwamandla akho, qala kabusha wehlise izindleko khokhela izikweletu ngokwamandla onawo kancane, kancane zize ziphele bese wehlisa ukusebenzisa imali ezintweni ezingenaso isidingo.

