SHEILA MHLONGO
NgoLwesithathu, lomhla ka-7 kuMeyi 2025, uMengameli uCyril Ramaphosa wethule isigaba sesibili sohlelo i-Operation Vulindlela e-Union Buildings. Lesi sigaba sigxile ezintweni ezintathu:
- Ukulungisa ukungalingani kwezindawo okwadalwa ubandlululo.
- Ukuqinisa ukusebenza kohulumeni basekhaya.
- Ukusheshisa uguquko lwezobuchwepheshe.
UMengameli ugcizelele ukuthi lezi zinguquko zizoqinisa umnotho ngokushesha futhi zibandakanye wonke umuntu. Uthe ukuhamba kancane noma ukungaguquki kuzobambezela ukukhula komnotho futhi kwandise ububha.
Izindawo ezisemqoka:
- Ukulinganisa indawo yokuhlala: Abantu abampofu bahlala kude nezindawo zemisebenzi. Uhulumeni uzoguqula izinqubomgomo zokwakha amakhaya, kwandiswe izindlu ezishibhile edolobheni, kwenziwe lula ukuthola amalungelo okuba ngabanikazi bamakhaya.
- Ukuqinisa ohulumeni basekhaya: Kuzoqinisekiswa ukuthi abasebenzi abanamakhono bafakwa ezikhundleni eziphezulu kwenziwe ngcono izinsiza ezibalulekile ezifana namanzi nogesi.
- Uguquko lwezobuchwepheshe: Uhulumeni uzokwakha izinsiza ezikwi-inthanethi ezifana ne-digital ID ukukhokha masinyane, nokufinyelela izinsiza zikahulumeni nge-inthanethi.
Impumelelo yesigaba sokuqala: Ukwehliswa kokucishwa kukagesi, ukuvulwa kwemakethe kazibuthe nezikhumulo, ukuvulwa kwesistimu yezivakashi ezinamakhono kanye nokuhleleka kwezinhlelo zamanzi.
UMengameli uphethe ngokuthi u-Operation Vulindlela ulethe izinguquko ezibonakalayo futhi uzoqhubeka nokukhulisa umnotho.

