SHEILA MHLONGO
IVimbukhalo Primary School, esesifundeni saseDrakensberg eduze naseWinterton, KwaZulu-Natal, isiyakhiwe kabusha ngokuphelele. Ngo-2019, ngesikhathi i-AECOM ifika okokuqala esizeni, isikole sasisemaphethelweni – kwakusetshenziswa izakhiwo zesikhashana njengamakilasi ayengekho esimweni esihle.
UDoreen Noetzold, uMqondisi Wezobuchwepheshe e-AECOM, uthi isimo sesikole sadala ithuba lokuthi kuvuselelwe kabusha isakhiwo sesikole okuhambisana nomgomo woMnyango Wezemfundo nesimo esizodala ukukhuthaza ukufunda.
Ukuklama izikole zomphakathi kuvame ukuhlotshaniswa nemingcele yezindleko kanye nesidingo sokwenzela lula ukugcinwa kwazo. Nokho, kule phrojekthi kwafakwa ugqozi lokudala nokuphucula indawo yokufunda, ngisho noma kunzima.
Iphrojekthi iveze izinselelo ezinkulu ezibhekene nengqalasizinda yezikole eNingizimu Afrika. Kube nesidingo sokusebenzisa izindlela zokwakha eziqinile nezisimeme ukuze kuqinisekiswe ukuqina kwesakhiwo esisha.
Izakhiwo zesikole zihlelwe ngendlela esivumela isimo semvelo phakathi kwazo, kwakhiwa nezindawo zokukhuthaza ezemidlalo nokufunda. Lesisakhiso sesikole sihlelwe ngendlela ephephile nenethezekile futhi evumela ukuxhumana phakathi kwabafundi.
Ngesikhathi kuqhubeka umsebenzi wokwakhiwa kwesikole abe –AECOM banikeze amalunga omphakathi wasendaweni amathuba omsebenzi. Kanti umgomo wabo wokuthi “ukuletha umhlaba ongcono” ubonakale ngalesi sikole, esizoba yikhaya lesibili ezinganeni eziningi ebezincishwe amathuba.
Ngokusebenza ngokubambisana phakathi kwamaqembu ahlukahlukene nochwepheshe, iphrojekthi iphothuliwe kahle futhi ngesikhathi. Ubunzima bendawo yokwakha, njengephrofayili yomhlabathi, yahlolwa kabanzi futhi kwatholakala izixazululo zobunjiniyela eziqinile.
Ekugcineni, uNoetzold uthe: “Isikole sizophenduka indawo ekhuthaza ukufunda, sidale ithemba emphakathini wasemakhaya lapho izingane bezifunda ezakhiweni zesikhashana. Leli yithuba lokwakha ikusasa elingcono.”

