SHEILA MHLONGO
UMnyango wezeziMali ubeke eceleni imali eyengeziwe yokuxhasa amaqembu ezepolitiki ngesamba esingu-R1,1billion kulonyaka wezimali wesikhathi esimaphakathi nethemu (Medium Term Expenditure Frame work)
“Lesamba esengeziwe sika-R1,1billion sokuxhasa amaqembu ezepolitiki sizosebenza ngesikhathi soKhetho loHulumeni baseKhaya, futhi sicabanga nokuthi sengenze ngenye imali.”Kusho uNgqongqoshe wezeziMali uMnu. Enock Godongwane ngesikhathi ekhuluma engqungqutheleni, ye-IEC ebimayelana nemali yoxhaso lwamaqembu ezepolitiki (Political Funding Symposium) ebibanjelwe eThekwini ngoLwesine lomhlaka-19 Juni 2025.
UGodongwane uthe isimo somnotho esibhekene nelakuleli esidalwa ukuncipha kwezimali eziqoqwayo ikhona okudala inkinga yokuthi kungase kuvimbe ukuthi ingabi bikho imali eyanele yokuxhasa nalabo abagaqele ukhetho.
“Ngaphezu kwemali eyabelwe abe-IEC kusukela ngonyaka ka-2011/2012 kuze kube manje bekulokhu kunesabelo sika-R3 billion obubhekele ukuxhasa amaqembu ezepolitiki ukuze kusizakale amaqembu amancane kanye nalawo amasha ukuze nawo ancintisane kahle nalawo amakhulu asimeme ngokwezimali.”Kusho uGodongwane.
UGodongwane uphinde wathi umbuso wentando yeningi osemusha njengowe Ningizimu Afrika uthembele kakhulu ezikhungweni ezizimele ukuze ukwazi ukusimama isikhathi eside–SAnews.gov.za

