Owabe eyisisebenzi kuMasipala  uMsunduzi  ugwetshwe iminyaka engu-10 ngecala lenkohlakalo

SHEILA MHLONGO

NgoLwesine lomhlaka-26 Juni 2025, Inkantolo yaseThekwini equla amacala obugebengu emabhizinisini (Durban Specialised Commercial Crimes Court)  igixabeze lowo owabe eyisisebenzi kuMasipala uMSunduzi ngeminyaka eyishumi (10) ebhadla ejele, ngemuva kokuthi etholakale enamacala amabili  enkohlakalo.

Ngokusho   kwesikhulu sikaZwelonke oPhikweni Lwezokushushisa Amacala (i-NPA), sithi uNhlakanipho Wiseman Dlamini (45), owayesebenza njengoMeluleki Wesikhashana Wezokulawulwa kwezimoto,( acting Fleet Control Advisor) watholakala enecala lokufuna ukugwazelwa  enkampanini eyayihlinzeka ngemisebenzi kuMasipala.

“Ngesikhathi uDlamini esebenza eMsunduzi Municipality, inkampani ebizwa nge-EWCop yayiqashwe ukuthi inikeze futhi inakekele amadivayisi okulandelela izimoto zikamasipala. Ngo-2018, inkontileka ye-EWCop yaphela, kodwa yayilokhu yelulwa inyanga nenyanga kuze kutholakale inkampani entsha ezowinela ithenda entsha.

“UDlamini wabe eseyalela  inkampani iEWCop ecela ukuthi imeseke ukuze ithenda entsha inikezwe bona. Waphinde wacela izinkulungwane ezingu-R100 000 ukuze aqinisekise ukuthi inkokhelo eyayisalindiwe, ephathelene nenkontileka yenyanga nenyanga, iyakhokhwa,” kusho i-NPA esitatimendeni.

Kwabe sekucushwa  ugibe lokulandela isigaba 252 A soMthetho Wobuchwepheshe Bamacala Obugebengu (Criminal Procedure Act 51 of 1977), uDlamini wabanjwa phakathi kukaNovemba 2019 noJanuwari 2020 ngemuva kokuthola imali.

Ujeziswe iminyaka eyisishiyagalombili ejele ngasinye salezi zinsolo ezimbili zenhlawulo. Iminyaka eyisithupha yesigwebo sesibili izoqhuba kanye nesokuqala, okwenza kube nesigwebo esisebenzayo seminyaka eyishumi-(10).

“I-NPA iyasemukele isinqumo  salelicala. Ngokubambisana nozakwethu ophikweni lwezobuLungiswa  sizoqinisekisa ukuthi  izisebenzi ezikhohlakele zibhekana nomthetho. Ukulwisana nenkohlakalo kusagxilwe kukona njengenhloso enkulu yegunya lethu,” kuphetha isitatimende. — SAnews.gov.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *