UNdunankulu waKwaZulu-Natal uThamsanqa Ntuli uhole umkhankaso  wokulwa nobugebengu obuwela imingcele

INTATHELI YE-KZN NAMUHLA

Njengengxenye yezinhlelo zikaHulumeni wesifundazwe zokulwisana nobugebengu obuwela umngcele esiteshini saseKosi Bay phakathi kweManguzi neMozambique, uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMhlonishwa uThamsanqa Ntuli, uhambele i-Imbizo ngeviki eledlule ngenhloso  yokubhekana nezinselelo zobugebengu bemingcele kanye nokuchaza izinhlelo zikahulumeni zokulwa nalolu hlobo lobugebengu.

Njengengxenye yale ngxenye yokungenelela, uNdunankulu Ntuli, ubehambisana noNgqongqoshe Wezolimo Nentuthuko Yasemakhaya, uMhlonishwa uThembeni Madlopha-Mthethwa, beqonde indawo yaseGate 6 no-8 ngesikhathi kwenziwa uhlelo i-Operation Siyahlola, lapho kuhlolwe khona iJersey Barrier eyakhiwe ngenhloso yokuvimba ubugebengu obuwela imingcele.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *