ITheku liqinisekise ukuthi wonke amabhishi aphephile

ZAMA MAJOLA

UMasipala weTheku uthe uzilungiselele ngokugcwele izivakashi ezingu-1.3 million ezizotheleka ngamaholidi okuphela konyaka.  Umasipala uqinisekise izakhamuzi kanye nabaseholidini ukuthi ukuhlolwa kwekhwalithi yamanzi kuyaqhubeka kuwo wonke amabhishi. Idolobha lithe wonke amabhishi angu-23 aphephile abantu bengabhukuda ngale kokwesaba. Ngokusho kukamasipala, wonke ama-swimming pool agudle iGolden Mile asehlanziwe agcwaliswa ngamanzi ahlanzekile.

AbaseThekwini babe sebexwayisa abantu bonke ngokuthi akuvumelekile ukubhukuda bephuzile. Ukweqa endaweni ogwini lolwandle nakho akuvunyelwe. Idolobha lithe imiyalelo evela kwabezomthetho, abaqaphi kanye nabaphathi bamachibi kufanele ilalelwe ngaso sonke isikhathi. Muva nje, kutshalwe onogada abangu-500 ogwini lweTheku ngenhloso yokuqinisa ezokuphepha. Khonamanjalo, izikhulu zaseThekwini zithe sezimise konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi abazofika eThekwini bathola into ezokhumbuleka futhi ejabulisayo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *