SBU MAMBA
Iqembu lesizwe iBafana Bafana izophinde ibhekane neMexico emdlalweni wayo wokuqala ku Group A ku FIFA World Cup 2026 ezobanjelwa emazweni amathathu ngokubambisana okuyi Mexico, Canada neNemelika (USA) amaqembu esewonke ku Group A amikanje Mexico, South Korea,South Africa kanti kusalindwe iqembu lesine phakathi kwe Denmark neNorth Macedonia, amaqembu amabili azoqeda endaweni enhle kule Group azozibekela indawo kumkhumulajezi walomqhudelwano, uma izwe lihamba ibanga elide kulemidlalo yendebe FIFA World Cup lizobuya netshe lemali (izigidi zamadola asemelika)
Umqeqeshi uHugo Broos uthi ngeke kube lula kodwa unethemba ukuthi bazokwazi ukuthola amaphuzu amane noma ayisithupha ku Group A bangene esigabeni esilandelayo , esigabeni esilandelayo bazobheka nezinkuzi izikhondlakhondlal oBrazil, France, Belgium, France, Norway, Spain neGermany.
,
USimphiwe Tshabalala waseNingizimu Afrika owashaya igoli lokuqala leNdebe yoMhlaba ye-FIFA ngo -2010 bedlala neMexico eFNB Stadium ngoJuni 11, 2010 eGoli ujabule kakhulu ngalomdlalo uthe isifiso sakhe sifezekile uthe isifiso sakhe ukuthi iBafana ishaye iMexico ithathe amaphuzu amathathu. UTshabalala uvumile ukuthi ngeke kufane njengo-2010, lapho iningi labalandeli abangu-85,000 ababegcwele enkundleni yezemidlalo i-FNB Stadium bebesekela iNingizimu Africa, uthe iBafana izoba nobunzima kulokhu njengeqembu elivakashile kodwa uthe maningi amathuba okuthi iBafana iqede esicongweni sale Group noma endaweni yesibili.

