Uhulumeni ukhathazekile ngokukhula kwe-GBVF

ZAMA MAJOLA

Uhulumeni uzwakalise ukukhathazeka okukhulu ngokuthi iNingizimu Afrika iyaqhubeka nokulwa namazinga aphezulu ngendlela engamukelekile odlame olusekelwe kubulili nokubulawa kwabesifazane (GBVF) naphezu kwemizamo eqhubekayo kazwelonke yokunqanda ukugeleza kodlame. UNgqongqoshe eHhovisi likaMongameli, uKhumbudzo Ntshavheni, ukhulume la mazwi esithangamini nabezindaba sangemva kweKhabhinethi eKapa, “IKhabhinethi ikhathazeke kakhulu ngokuthi naphezu kwemizamo eqinile kahulumeni, izinhlangano zomphakathi, amabhizinisi nemiphakathi yokubhekana nalesi sihlava, iNingizimu Afrika isaqhubeka nokubhekana namazinga ashaqisayo e-GBVF,” kusho uNgqongqoshe etshela abezindaba.

Ukuphawula kukaNgqongqoshe kuza njengoba iNingizimu Afrika izogubha umkhankaso waminyaka yonke Wezinsuku Eziyi-16 Zokulwa Nodlame Olubhekiswe Kwabesifazane Nezingane kusukela mhla zingama-25 kuLwezi kuya mhla ziyi-10 kuZibandlela 2025, ngaphansi kwesiqubulo esithi: “I-Letsema: Abesilisa, Abesifazane, Abafana Namantombazane besebenzisana ukuze kuqedwe Udlame Olusekelwe Ngokobulili Nokubulawa Kwabesifazane (GBVF).”  Lo mkhankaso, oyingxenye yohlelo lomhlaba wonke lweNhlangano Yezizwe, ucela ukuba kuthathwe izinyathelo ezihlangene emphakathini wonkana ukuze kuqwashiswe, kugqugquzelwe imiphakathi, futhi kuqinise ukuziphendulela emizamweni yokuqeda udlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane. Ngasekuqaleni kwalo nyaka, uhulumeni wethule Uhlelo Lwezinsuku Eziyiwu-90 Olusekelwe Ngobudlova Nokubulawa Kwabesifazane (i-GBVF), okuwuhlelo lukazwelonke oluhloselwe ukuqinisekisa “izinyathelo ezisheshayo nezididiyelwe” zokulwa nalesi sihlava kanye “nokusheshisa ukuqaliswa koHlelo Lwesu Likazwelonke Lwe-GBVF”. “Uhlelo lwezinsuku ezingu-90 olwaluholwa yi-JCPS [Justice, Prevention Crime and Security] Cluster lusebenze ngokungenelela okuphuthumayo nokunomthelela ukubuyisela umkhuba ophakeme we-GBVF ezweni.

I-GBVF “Sicela abantu baseNingizimu Afrika ukuthi basebenzisane nohulumeni njengomphakathi, njengomndeni ukuze kunqandwe isihlava se-GBV. Udlame olusekelwe kubulili lwenzeka emakhaya ethu, emiphakathini yethu ngakho singabaphenduli bokuqala futhi sinamandla nekhono lokukumisa. Uhulumeni uyangena ukuze avikele futhi aphendule ngezenzo zalabo asebevele benza i-GBVF. Kodwa siyazi ukuthi ukuvimbela kungcono kunokwelapha. Ngakho-ke, leli yikhwelo lomphakathi lokuba sibumbane ukubhekana ne-GBVF ezinganeni zethu nabesifazane,” kusho uNtshavheni.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *