Okungenani izikhulu eziyi-14 eziphezulu zoMbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika (SAPS) nezakuMasipala wase-Ekurhuleni (EMM) zidluliselwe ophenyweni ngemuva kokuthi zikhonjwe njengezingase zibe nesandla ekwenzeni okungalungile yiKhomishini kaMadlanga.
Lokhu kuvezwe esitatimendeni esikhishwe yiHhovisi likaMengameli wezwe, mayelana nombiko wesikhashana weKhomishini kaMadlanga ngoLwesine lomhlaka 29 Januwari.
IKhomishini yanikela umbiko wayo wesikhashana nezincomo kuMengameli uCyril Ramaphosa ngoZibandlela wonyaka odlule, azihlolisisa wazemukela.
“UMengameli uRamaphosa uyazamukela izinqumo zeKhomishini zokudlulisa amacala ophenyweni lwamacala obugebengu ngokushesha, kanye nezincomo mayelana nesimo sokuqashwa nokumiswa emsebenzini kwabathintekayo.
“Ngokwemigomo yayo, iKhomishini yenza izikhombo eziningi ezidinga uphenyo olusheshayo yizikhungo zomthetho ezithintekayo, kuhlanganisa nophenyo lobugebengu.
“IKhomishini iphinde yancoma kwezinye izimo ukuthi kuthathwe izinyathelo zokuqondisa izijeziso kubantu okusolwa ukuthi bahileleke ekwenzeni okungalungile, kuhlanganisa ubugebengu nenkohlakalo,” kusho isitatimende.
IHhovisi likaMengameli lichaze ukuthi iKhomishini yadlulisela amacala lapho ithole khona ubufakazi bokuqala (prima facie) bokwenza okungalungile.
Lolu phenyo luzoqhutshwa yi-SAPS, i-Independent Police Investigative Directorate (IPID) kanye noMasipala wase-Ekurhuleni.
“Amacala adluliselwe aphathelene nezinsolo zobugebengu, inkohlakalo, ukukhwabanisa, ukubulala, ukufunga amanga enkantolo nezinye izenzo ezingekho emthethweni ezenziwa izikhulu nabasebenzi be-SAPS, iDolobha lase-Ekurhuleni kanye noMnyango Wamaphoyisa kaMasipala wase-Ekurhuleni (EMPD).
“Lapho i-IPID isivele iphenya amanye amacala, iKhomishini izocela umbiko ngesimo sophando futhi icele izincazelo nganoma yikuphi ukubambezeleka,” kusho iHhovisi likaMongameli.
Izikhombo ziphathelene nalezi zikhulu ze-SAPS ezilandelayo:
- uMajor General Lesetja Senona
- uMajor General Richard Shibiri
- uBrigadier Mbangwa Nkhwashu
- uBrigadier Rachel Matjeng
- uSergeant Fannie Nkosi
IKhomishini iphinde yathola ubufakazi bokuqala bokwenza okungalungile ngabalandelayo, abasebenzi bamanje nabangaphambili boMasipala wase-Ekurhuleni:
- uKhomishana wamiswa emsebenzini we-EMPD, uJulius Mkhwanazi
- uMphoyisa we-EMPD uBafana Twala
- uMphoyisa we-EMPD uAiden McKenzie
- uMphoyisa we-EMPD uKershia Leigh Stols
- owayenguMphathi weDolobha lase-Ekurhuleni, uDkt Imogen Mashazi
- umphathi wezimoto (fleet manager)/ommeleli, uMnu Chris Steyn
- uNhloko woMnyango Wezabasebenzi (HR), uNkk Linda Gxasheka
- uNhloko Wezomthetho, uAdv Kemi Behari
- uMnu Etienne van der Walt
“UMongameli uRamaphosa ulindele ukuthi zonke izinhlaka zomthetho nezikhungo zobulungiswa ezithintekayo zisebenze ngokushesha ekusebenziseni izincomo zombiko wesikhashana weKhomishini.
“Lesi senzo esisheshayo sizosiza ukubuyisela ukwethenjwa komphakathi futhi siqinise amandla okusebenza ezinhlakeni zikahulumeni ezithintekayo emzabalazweni wokulwa nobugebengu nenkohlakalo,” kusho iHhovisi likaMongameli.
Ithimba elikhethekile lophenyo
Isitatimende siphawule ukuthi abanye abantu abasolwayo kulindeleke ukuthi “babuyela phambi kweKhomishini ukuze baphendule izinsolo ezibekwe kubo, kanti abanye ofakazi basazokwethula ubufakazi babo”.
“Nakuba iKhomishini igcizelela ukuthi, ngaphandle koKhomishana we-EMPD uJulius Mkhwanazi, ayikazizwa izimpendulo zabanye abantu ababalulwe ngenhla, izinsolo ezibhekiswe kubo ziseyizinsolo zokuqala kuphela futhi aziyona imiphumela yokugcina yeKhomishini.
“Nokho, isimo salezi zinsolo sidinga ukuthi kudluliselwe amacala ophenyweni olujulile kanye nezinyathelo zokuqondisa izijeziso, zokushushisa noma zokulawula ngokushesha,” kusho iHhovisi likaMongameli.
UNgqongqoshe Wezamaphoyisa, uSolwazi Firoz Cachalia, kanye noKhomishana Kazwelonke we-SAPS, uGeneral Fannie Masemola, bayalelwe ukuba basungule ithimba elikhethekile lophenyo, elizobika ngqo kuKhomishana.
“Ithimba lizokwenza uphenyo kubantu abakhonjwe yiKhomishini. Ukusungulwa kweyunithi ekhethekile kubalulekile ukuze kuqinisekiswe ukuthi lolu phenyo lwenzeka ngokushesha.
“UMongameli uRamaphosa udlulisa ukubonga okukhulu kuSihlalo weKhomishini, uJaji osuthathe umhlalaphansi uMadlanga, oKhomishana uBaloyi noKhumalo, kanye nabo bonke abasebenzi beKhomishini ngomsebenzi wabo onzima wokuletha umbiko wesikhashana.
“UMongameli ubheke ngabomvu ukuphela komsebenzi weKhomishini kanye negalelo lawo ekusebenzeni kahle kwezinhlaka zomthetho nohlelo lwezobulungiswa,” kuphetha isitatimende. – SAnews.gov.za

