
ESITHOMBENI- UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi ethula inkulumo yakhe emhlanganweni we SALGA
SHEILA MHLONGO
EPietermaritzburg, – UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, usecele ukuba amaholo amakhansela afaniswe kubo bonke oMasipala, njengoba kulindeleke ukuba ahlinzeke ngezinga elifanayo lezidingo emphakathini.
UMEC Buthelezi ubethula inkulumo yosuku eMhlanganweni wamaLungu weNhlangano yoHulumeni Bezindawo eNingizimu Afrika (SALGA) KwaZulu-Natal, obubanjelwe ePietermaritzburg ngoLwesihlanu lomhlaka 14 Agasti . Lo mhlangano ubudingida izinkinga ezithinta ohulumeni basekhaya, njengoba isikhathi sokusebenza kwaleli qoqo lamanje lamakhansela sizophela ezinyangeni ezimbili ezizayo.
Enkulumweni yakhe, uMEC Buthelezi unxuse iSALGA ukuba ifake ingcindezi kuhulumeni ukuze amaholo amakhansela afaniswe. Uthe indlela esetshenziswa njengamanje ayiwaphathi ngobulungiswa amakhansela asebenza komasipala abancane, njengoba eholelwa ngokobukhulu noma ngokwesigaba umasipala okuso.
Uhlelo lwamanje lwamaholo, oluhlanganisa nezilinganiso eziphezulu zamaholo ezikhulu zezombusazwe komasipala, lunqunywa njalo ngonyaka wezimali nguNgqongqoshe noma nguMEC ngaphansi koMthetho wokuKhokhelwa kweziPhathimandla zoMphakathi.
Amaholo kanye nezibonelelo kunqunyelwa ngokwesigaba umasipala okuso, amandla awo ezezimali kanye nenani labantu abahlala ngaphansi kwawo. Omasipala bahlukaniswe ngezigaba ezisukela ku-Grade 1 kuya ku-Grade 6.
“Ikhansela lewadi elisebenza kumasipala omncane noma wasemakhaya linemigomo efanayo okufanele liyifeze futhi ukusebenza kwalo kuhlolwa ngezinga elifanayo nekhansela elisebenza kumasipala omkhulu noma wasedolobheni.
“Imisebenzi nezinselelo zabo kucishe kufane, kanti kwezinye izikhathi ikhansela elisendaweni yasemakhaya libhekana nezinselelo eziningi kakhulu. Pho kungani ikhansela elisebenza kumasipala omkhulu liholelwa imali eningi? Lokhu akubona ubulungiswa.
“Izinga lokuholelwa liyafana kwezinye iziphathimandla zomphakathi, ngaphandle kwalabo abasebenza kohulumeni basekhaya. Amalungu esiShayamthetho, izimantshi nabanye baholelwa ngendlela efanayo kungakhathaliseki ukuthi basebenza kusiphi isifundazwe noma idolobha,” kusho uMEC Buthelezi.
Top of Form
Bottom of Form

