IKhomishini kaMadlanga isathathe ikhefu elifushane  kuze kube umhlaka 11 Septhemba

UPhawu lwezomthetho

SHEILA MHLONGO

IKhomishini Yophenyo Yezobulungiswa mayelana nobugebengu, ukugxambukela kwezepolitiki kanye nenkohlakalo ohlelweni lwezobulungiswa bobugebengu, izothatha ikhefu kusukela ngoLwesine, 3 kuMandulo kuya kumhla ziyi-11 kuMandulo 2026. Usuku lokugcina lokulalelwa kobufakazi esidlangalaleni kuleli sonto kulindeleke ukuba kube uLwesithathu, 2 kuMandulo 2026.

Le khomishini, eyaziwa kakhulu ngokuthi yiKhomishini kaMadlanga, kulindeleke ukuba yethule umbiko wayo wokugcina kuMengameli Cyril Ramaphosa mhla ziyi-16 kuLwezi 2026, esikhundleni sokuwethula ekupheleni kukaNcwaba, ngemva kokwelulwa komnqamulajuqu wokubika.

“Leli khefu lezinsuku eziyisikhombisa zokusebenza liyadingeka ukuze kuqinisekiswe ukuthi oKhomishana ababili bayazifeza izibopho ababezenzile ngesikhathi iKhomishini kusalindeleke ukuba iphothule umsebenzi wayo mhla zingama-31 kuNcwaba 2026. Umnqamulajuqu weKhomishini usuweluliwe.

“Izikhulu eziphezulu zeKhomishini kanye nethimba layo elibanzi bazoqhubeka nokusebenza ngesikhathi sekhefu, belungiselela ukulalelwa kobufakazi esidlangalaleni okuzoqala kabusha ngoMsombuluko, 14 kuMandulo 2026,” kusho okhulumela iKhomishini, uJeremy Michaels.

IKhomishini yasungulwa ukuze iphenye izinsolo ezavezwa uKhomishana wamaPhoyisa esiFundazweni saKwaZulu-Natal, uLieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi, mhla ziyisi-6 kuNtulikazi 2025. Lezi zinsolo ziphathelene nobugebengu, ukugxambukela kwezepolitiki kanye nenkohlakalo ohlelweni lwezobulungiswa bobugebengu.

Sekuvele kwethulwe imibiko yesikhashana emibili kuMengameli Ramaphosa. – SAnews.gov.za

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *