
UWang Dong, oyiPhini likaMengameli wakwaXiaomi obhekele ezabaSebenzi
SHEILA MHLONGO
Shanghai, eChina – Amanyuvesi nezinkampani kufanele basebenzisane ukuqinisekisa ukuthi abafundi abaphothula izifundo bathola ulwazi olukhethekile, ukuqonda okubanzi okuhlanganisa imikhakha ehlukahlukene kanye nesipiliyoni sokusebenza esidingwa yizimboni eziguquka ngesivinini, kusho isikhulu esiphezulu senkampani yakwaXiaomi.
UWang Dong, oyiPhini likaMengameli wakwaXiaomi obhekele ezabaSebenzi, uthe amabhizinisi kufanele abe ngabahlanganyeli abakhuthele kwezemfundo esikhundleni sokulinda ukuthi amanyuvesi akhiqize abafundi abazobaqasha bese ebaqeqesha kabusha.
Ubekhuluma engqungqutheleni ebizwa nge-Science and Technology Policy Thematic Forum, ebibanjelwe eDongjiao State Guest Hotel eShanghai, ngosuku lwesibili lwePujiang Innovation Forum eqale ngoLwesihlanu, 11 kuMandulo 2026.
INingizimu Afrika ibambe iqhaza kule nkundla njengelizwe lokuqala lase-Afrika ukuqokwa njenge-Country of Honour, okuyizwe elihlonishwayo.
“Izinkampani akumele zigcine ngokusebenzisa noma ngokuqasha abantu abanamakhono; kufanele zibe ngabahlanganyeli abakhuthele ohlelweni olubanzi lwezemfundo nokuthuthukiswa kwamakhono,” kusho uWang.
IXiaomi iyinkampani yezobuchwepheshe egxile kubathengi, ekhiqiza izinto zikagesi kanye nemikhiqizo esebenzisa ubuchwepheshe obuhlakaniphile.
UWang uthe intuthuko kwezobuhlakani bokuzenzela, i-Artificial Intelligence (AI), ama-chips, ukukhiqiza okuhlakaniphile, izimoto ezisiza umshayeli kanye nokusebenzisana kobuhlakani bomuntu nemishini, kungaba nenani elincane uma kungavivinywa emikhiqizweni yangempela nasezimbonini.
“Ekugcineni, laba bantu kanye nalobu buchwepheshe kufanele kungene emhlabeni wangempela futhi kube namandla abonakalayo emikhiqizweni nasezimbonini,” kusho yena.
Uthe iXiaomi isiqalile ukufaka amarobhothi ezimbonini zezimoto ukuze lobu buchwepheshe buvivinywe ngaphansi kwezimo zangempela zokukhiqiza.
“Amarobhothi awasagcini ngokusetshenziswa emibukisweni yokukhombisa amandla awo. Sifuna angene ezindaweni zangempela zokukhiqiza, lapho kufanele enze khona imisebenzi yangempela, asebenzisane nemishini yangempela futhi asebenze ngaphansi kwezimo zangempela,” kusho uWang.
Inhloso yamanje akukhona ukusebenzisa amarobhothi njengabasebenzi bezimboni abakwazi ukukhiqiza ngokugcwele, ngoba ubuchwepheshe abukakafinyeleli kulelo zinga. Kunalokho, izimboni zinikeza indawo yokuhlola engasiza ekuqondiseni nasekuthuthukiseni lobu buchwepheshe.
“Lonke ucwaningo lwethu olusezingeni eliphezulu kanye nentuthuko kungagcina kusetshenziswa ngaphakathi enkampanini futhi kuvivinywe ngokusebenza kwangempela,” kusho yena.
Naphezu kwentuthuko esheshayo kwezobuchwepheshe, uWang uthe abantu basalokhu beyingxenye esemqoka ekuthuthukisweni kwezimboni. IXiaomi yaqasha ochwepheshe abalinganiselwa ku-3 700 emkhakheni wezinsiza zobuchwepheshe ngo-2026 kanye nabasebenzi abangu-15 000 eminyakeni emithathu edlule.
Laba basebenzi baqashwa emikhakheni ehlanganisa isayensi yamakhompyutha, ulwazi lwe-elekthronikhi, ubunjiniyela bemishini, isayensi yezinto zokwakha kanye nobunjiniyela bezimoto.
Uthe isipiliyoni senkampani siveze izinguquko ezintathu ezinkulu emakhonweni adingwa yizimboni.
“Okokuqala, ulwazi lobungcweti kufanele lujule. I-AI ibonakala ikwazi ukwenza cishe yonke into, kodwa isipiliyoni sethu sokusebenza sikhombisa ukuthi yenza ulwazi olukhethekile lobungcweti lubaluleke nakakhulu.”
Uthe abasebenzi badinga nokuba nolwazi olubanzi ngoba imikhiqizo eyinkimbinkimbi ihlanganisa ubunjiniyela bezimoto, izinsiza zobuchwepheshe, izinto zokwakha, izinhlelo zamakhompyutha kanye nama-algorithm.
Ikhono lokwenza umsebenzi ngezandla nalo libalulekile ngoba izinkinga zasezimbonini azivamile ukuba nezimpendulo ezifanayo. Zidinga abantu abakwazi ukubheka ngokulinganayo izindleko, ukuphepha, ukusebenza kahle kanye nobulungiswa, kwengeza lesi sikhulu.
UWang uthe izinkampani kufanele zazise amanyuvesi ngezidingo zezimboni, zithumele abamele amabhizinisi emakilasini futhi zisize abafundi baqonde izinselelo zobuchwepheshe zesikhathi eside.
“Izinkampani akufanele zilinde kuze kube yilapho sezidinga abasebenzi ngaphambi kokuba ziqale ukusebenzisana namanyuvesi,” kusho yena.
IXiaomi isiguqule isipiliyoni sayo kwezobuchwepheshe be-inthanethi, izinsiza zobuchwepheshe, ukukhiqiza kanye nokuklanywa kwemikhiqizo kwaba yizifundo ezifundiswa abasebenzi ababhekene ngqo nomsebenzi. Ezinye zalezi zifundo sezifakiwe ezinhlelweni zamakhredithi amanyuvesi.
Le nkampani iphinde yadlulisela ezinye zezinhlelo zayo zokuqeqesha abasebenzi kwezobunjiniyela emanyuvesi. Izinhlelo zayo zihlanganise izikhungo zemfundo ezingu-15 ezingabambisene nayo, zaheha ukubhaliswa kwabafundi abangaphezu kuka-6 000 futhi zaqeqesha abafundi abangaphezu kuka-4 000. Bangaphezu kuka-100 abafundi abanikezwe amathuba emisebenzi.
Ukubambisana okubanzi kweXiaomi namanyuvesi kuhlanganisa izifundo, amakamu okuqeqesha, izikhungo zocwaningo ezihlanganyelwe, abafundisi abavela ezimbonini, izimali zocwaningo kanye nokwesekwa kokuguqula imiphumela yocwaningo ibe yimikhiqizo noma amabhizinisi.
UWang uthe inkampani ifuna abafundi bahlangabezane nezimo zangempela zasezimbonini, ubuchwepheshe busize ekuqiniseni ukuthuthukiswa kwamakhono, futhi abafundi abaphothulile bakwazi ukujwayela umsebenzi ngokushesha.
“Ushintsho olukhulu kufanele luqale ngezinhlelo ezibonakalayo nezisebenzayo. IXiaomi isakulungele ukujulisa ukusebenzisana phakathi kwezinkampani namanyuvesi,” kusho yena.
INingizimu Afrika inethemba lokuthola ubudlelwano obusha bokusebenzisana nokukhuphula amakhono ayo kwezesayensi ngokubamba iqhaza kule nkundla.
Enkulumweni yakhe kule nkundla ngoMgqibelo, uNgqongqoshe wezeSayensi, ubuChwepheshe kanye nokuSungula, uSolwazi Blade Nzimande, uthe iNingizimu Afrika neChina bazophokophela ukubambisana okusondelene emikhakheni “yezobuhlakani bokuzenzela, izikhungo zocwaningo ezihlanganyelwe, isayensi yasemkhathini nesayensi yezinkanyezi, ama-quantum computer, ezokuphepha ku-inthanethi, ukubandakanywa komphakathi, ukuthuthukiswa kwentsha kanye noHlelo Lokushintshisana Kososayensi Abasebasha.”
Khonamanjalo, uMqondisi-Jikelele woMnyango wezeSayensi, ubuChwepheshe kanye nokuSungula, uMlungisi Cele, uthe iNingizimu Afrika ingafunda endleleni iChina ekwazi ngayo ukuxhumanisa ucwaningo lwezesayensi, ukuthuthukiswa kwezimboni kanye nokutshalwa kwezimali yizinkampani ezizimele.

