
ESITHOMBENI : Izimoto ezintsha zikaMasipala waseThekwini ezizokwenza kube lula ukufinyelela ezindaweni ezikude lapho kudlula khona izintambo zikagesi onamandla aphezulu, kusheshiswe ukunakekelwa kwengqalasizinda nokusukunyelwa kwezinkinga zikagesi kulo lonke iTheku.
SHEILA MHLONGO
UMasipala weTheku usuqinise izinhlelo zokunakekelwa kwengqalasizinda kagesi ngokuhlinzeka ngezimoto ezintsha eziyi-12 ezingama-4×4, ezizonikezwa amathimba abasebenzi abhekele ukunakekelwa kwezintambo zikagesi onamandla aphezulu (High-Voltage Lines).
Lezi zimoto ezintsha zizokwenza kube lula ukuhamba kwamathimba ochwepheshe abhekele ukunakekelwa kwengqalasizinda kagesi, ikakhulukazi ezindaweni ezikude nalezo okunzima ukufinyelela kuzo ngenxa yesimo sendawo.
Izintambo zikagesi onamandla aphezulu ziyingxenye ebaluleke kakhulu yengqalasizinda kagesi, njengoba zithutha ugesi ngobuningi phakathi kweziteshi ezinkulu zikagesi ngaphambi kokuba usatshalaliswe emiphakathini, emabhizinisini nasezimbonini.
Ngakho-ke, kubalulekile ukuqinisekisa ukuthi lezi zintambo zifinyeleleka kalula ukuze zihlolwe, zinakekelwe futhi zilungiswe uma kunesidingo, ukuqinisekisa ukusebenza kahle kohlelo lokuphakelwa kukagesi.
Lezi zimoto ezintsha zizokwenza kube lula ukuthi amathimba abasebenzi afinyelele ezindaweni okudlula kuzo izintambo zikagesi nasezindaweni okusetshenzelwa kuzo, aphinde akwazi ukuthutha amathuluzi nezinsiza zokusebenza ngendlela efanele.
Lokhu kuzosiza ekuhlolweni nasekunakekelweni kwengqalasizinda njalo, kusheshiswe ukusukunyelwa kwezinkinga zikagesi, kuphinde kube lula ukulungisa nokushintsha ingqalasizinda elimele.
UMqondisi woPhiko lukaGesi nezaMandla kuMasipala waseThekwini, uMnuz Philani Shange, uthe ukuhlinzekwa kwalezi zimoto kuyingxenye yokuzibophezela kukaMasipala ekunakekeleni nasekuthuthukiseni ingqalasizinda kagesi.
“Ukuphakelwa kukagesi okuthembekile kubalulekile kubahlali, emabhizinisini nasemnothweni waseThekwini. Ukuhlomisa amathimba ethu ochwepheshe ngezimoto ezikwazi ukufinyelela kuzo zonke izingxenye zengqalasizinda kagesi onamandla aphezulu kusenza sikwazi ukusukumela ngokushesha izinkinga zikagesi nokwenza umsebenzi wokunakekela ingqalasizinda ngaphambi kokuba kuvele izinkinga.
“Inhloso yethu ukwakha uhlelo lokuphakelwa kukagesi oluthembekile, olukwazi ukumelana nezinselelo, ukuze kuhlomule yonke imizi namabhizinisi esiwahlinzeka ngezinsiza,” kusho uShange.
UMTHOMBO : wuPhiko lwezokuXhumana nokuMaketha lukaMasipala waseThekwini.

