
Uhlelo lwe-GO!Durban selusondele kwelinye igxathu ekuguquleni ezokuthutha umphakathi, kulandela ukusayinwa kwesivumelwano somzila i-C3 nokwethulwa kwebhasi elisha le-GO!Durban mhla zingama-30 kuMfumfu 2026.
UMasipala weTheku, ngokubambisana nabamele imboni yamatekisi amancane namabhasi, usayine isivumelwano senqubo yokusebenza komzila wesithathu (Corridor 3 – C3) wohlelo lwe-GO!Durban ngoLwesihlanu, mhla zingama-30 kuOctober 2026.
Lesi sivumelwano siyigxathu elibalulekile ekulungiseleleni ukuqala kokusebenza kwalo mzila, okulindeleke ukuba kwenzeke ngoDisemba2026.
Ukusayinwa kwalesi sivumelwano kwenzeke eDurban Exhibition Centre, lapho uMasipala uphinde wethula khona ibhasi elisha le-GO!Durban elizosebenza kulo mzila.
Lo mcimbi ubuyingxenye yezinhlelo zikaMasipala zokugubha iNyanga Yezokuthutha, ngaphansi kwendikimba ethi “Building the Network Together”, okusho ukuthi “Sakha Inethiwekhi Yezokuthutha Ngokubambisana.”
UMZILA OMUSHA UZOHAMBISA ABAGIBELI UKUSUKA EKWMASHU KUYA EPINETOWN
Umzila i-C3 uzosuka eBridge City, KwaMashu, uye ePinetown. Lona kuzoba umzila wokuqala wohlelo lwe-GO!Durban, oluyinethiwekhi yezokuthutha umphakathi edidiyelwe kaMasipala weTheku, ukuqala ukusebenza.
Uma usuqalile ukusebenza, lo mzila kulindeleke ukuthi wenze kube lula kubahlali ukufinyelela ezindaweni zokusebenza, ezikoleni, ezikhungweni zezempilo nakwezinye izindawo ezihlinzeka ngezidingo ezibalulekile zomphakathi.
Ukuqalwa kwalolu hlelo kulandela ukugunyazwa nguMkhandlu kaMasipala kwezinhlelo zebhizinisi nezokusebenza ze-GO!Durban mhla lu-1 kuMandulo 2026, ezibeka indlela okuzoqaliswa ngayo ukusebenza kwale nethiwekhi yezokuthutha.
UMASIPALA UZIBOPHEZELE EKUTHUTHENI OKUPHEPHILE NOKUTHEMBEKILE
Ethula inkulumo yosuku, iMenenja kaMasipala weTheku, uMusa Mbhele, ithe uMasipala uzibophezele ekuhlinzekeni umphakathi ngezokuthutha eziphephile, ezithembekile nezithengekayo.
UMbhele uthe ukusayinwa kwesivumelwano se-GO!Durban C3 kukhombisa inqubekelaphambili ebalulekile ekuqiniseni ukubambisana phakathi kukahulumeni nezimboni zezokuthutha umphakathi.
“Isivumelwano se-GO!Durban C3 siyinqubekelaphambili ebalulekile ekuqiniseni ukubambisana phakathi kukahulumeni nezimboni zezokuthutha umphakathi, njengoba sisebenzela ukwakha inethiwekhi ezosiza imiphakathi yethu iphinde ikhuthaze ukubamba iqhaza kwezomnotho,” kusho uMbhele.
Lesi sivumelwano sibeka uhlaka oluzolawula indlela abanikazi bamabhasi namatekisi abathintekayo kulo mzila abazobamba ngayo iqhaza ohlelweni olusha.
Ngaphansi kwalesi sivumelwano, izinsiza zezokuthutha zizohlinzekwa yizinkampani ezisemthethweni ezibizwa nge-Vehicle Operating Companies, ezizoba nezinkontileka noMasipala.
IMBONI YAMATEKISI YAMUKELA ISIVUMELWANO
USihlalo we-eThekwini Metro Taxi Council, uMathula Mkhize, uchaze ukusayinwa kwalesi sivumelwano njengempumelelo enkulu emkhakheni wezokuthutha umphakathi.
UMkhize uthe lesi sinyathelo sikhombisa inqubekelaphambili eseyenziwe ngokuxoxisana okuqhubekayo, ukubonisana nokusebenzisana phakathi kukaMasipala nabo bonke ababambiqhaza.
Ugcizelele ukubaluleka kokubambisana ukuze kwakhiwe uhlelo lwezokuthutha oluzosiza abagibeli kanye nemboni yezokuthutha.
IZITHUNYWA ZIVAKASHELE ISITESHI SASEWESTRICH
Ngemuva komcimbi wokusayina, izithunywa zivakashele esiteshini saseWestrich, eMidway Crossing, lapho ziboniswe khona indlela olusebenza ngayo uhlelo lokukhokha imali yokugibela.
Lokhu kubandakanya amasango okukhokha lapho abagibeli bezosebenzisa khona indlela yokuthinta ikhadi ukuze bangene.
Izithunywa ziphinde zabuka ukusebenza kwezinsiza zokuthutha abagibeli ezixhumanisa imizila, ezaziwa nge-feeder services.
Ziphinde zavakashela indawo lapho kukhishwa khona amakhadi e-I AM GO!, zabona indlela amakhasimende abhaliswa ngayo ukuze akwazi ukusebenzisa uhlelo.
KUSALUNGISELELWA UKUQALA KOKUSEBENZA NGOZIBANDLELA
Ngaphambi kokuba kuqale ukuthuthwa kwabagibeli, uMasipala nabalingani bawo bazophothula izinkontileka zokusebenza, baqedele ukuhlolwa kwengqalasizinda, amabhasi kanye nezinhlelo ezizosetshenziswa.
Umzila i-C3 uyisinyathelo sokuqala sesigaba sokuqala (Phase 1) sohlelo lwe-GO!Durban.
Ngemuva kwawo kulindeleke ukuthi kulandele imizila i-C1, C9 kanye ne-C2, kanye nohlelo lwezokuthutha oluzosebenza enkabeni yedolobha, olubizwa nge-Inner City Distribution System.
Lolu hlelo luhlose ukuguqula indlela umphakathi ohamba ngayo eThekwini ngokwakha inethiwekhi yezokuthutha edidiyelwe, ephephile, ethembekile futhi elula ukuyisebenzisa.
Umthombo: UMnyango Wezokuxhumana Nokumaketha kaMasipala weTheku (eThekwini Municipality Communications and Marketing Directorate).

