Uzophinda avele eNkantolo uthisha osolwa ngokunukubeza izingane

SAMUKELISIWE MBONAMBI

Kulenyanga uthisha wesikole samabanga aphezulu obhekene namacala ayisithupha okudlwengula uzophinde avele eNkantolo yeMantshi yasePinetown ukuzolalela isinqumo ngodaba lwakhe kumshushisi wenkantolo yesiFunda.

Lo thisha waseClermont ubengaphandle ngebheyili ka-R5 000 enemibandela yokuthi athuthele kwelinye ikheli alikhethile enyakatho neKZN aphinde asayine kabili ngesonto esiteshini samaphoyisa sendawo lapho ethuthele khona ubevele enkantolo ngeledlule icala lase lihlehliselwa uDisemba.

Lo thisha oneminyaka engu-55 ubudala ubhekene namacala ayisithupha okudlwengula okuthiwa wonke enzakala esikoleni, ngoSepthemba ufake isicelo sokuthi kuxegiswe imibandela yebheyili yakhe njengoba kade kumele avele phambi koMnyango wezeMfundo.

Ibamba leMantshi u-D M Sishi wasivumela isicelo sokuxegisa umbandela webheyili usuku lonke.

UMnyango wezeMfundo ubuzwa abezindaba mayelana naloludaba uthe “Lezi zinsolo zisabucayi kakhulu futhi siwuMnyango sizithatha kanjalo sizokhuluma ngemiphumela yokuqulwa kwecala mase kuphothulwe yonke into” kusho okhulumela uMnyango uSihle Mlotshwa.

Lo thisha usebenze kulesi sikole kusukela ngo-2008 waboshwa emagcekeni esikoleni ngo-Ephreli kwathi ngoMeyi wadedelwa ngebheyili.