Kulindeleke ukuthi zibe ziningi izivakashi emakhaya ngalesikhathi Se-Festival Season

NOMTHANDAZO MAGOSO

Kulindeleke ukuthi zibe ziningi izivakashi kanye nabantu ababuya emadolobheni beyochitha amaholidi emakhaya ngomhlaka-15 lapho umphakathi ukhuthazwa ukuthi ufike ngobuningi ukuze kugujwe isikhathi samaholide ngendlela emnandi.

Kukhulekelwa ukuthi uNkulunkulu uzobe egcine wonke umuntu ohambayo futhi kubalulekile ukuthi izivakashi zifike ziphephile. Kuzobe kubizwe abaculi bendawo ukuze bezodlala umculo ohlukahlukene njengengxenye yokujabulela i-festival season emakhaya. Umcimbi kulindeleke ukuthi ube ngaphansi kwetimu ethi “Blue and White” ngakho-ke wonke umuntu uyakhuthazwa ukuthi agqoke ngemibala ehambisana nombala wosuku.

Kuphinde kwaziswa ukuthi ukufika ne camp chair yakho kodwa ezinye izinto zizotholakala khona. Bakhuthazwa kakhulu abaculi abasafufusa ukuba basondele ukuze babonise amakhono abo ikakhulu labo abacula i-RNB, Amapiano kanye ne Dance.

Imali yokungena u-R80 kanti i-cooler box izokhokhiswa u-R50.
Abahleli bomcimbi bangabalandeli abaziwayo emphakathini: uSthabile Mngomezulu, uMlungisi Mngomezulu kanye noMiss T, abathembisa umcimbi ozoba sezingeni eliphezulu, ogcwele injabulo, umculo omuhle kanye nobumbano bomphakathi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *