ZAMA MAJOLA
IMeya yesifunda iLembe uMnu. Thobani Shandu uthe ukwakhiwa kwemiphakathi ekwazi ukumelana nezinhlekelele kumele kube yinto ehamba phambili njengoba isimo sezulu esibi sisaqhubeka nokubeka impilo yabantu engcupheni. Uthe ukuguquguquka kwesimo sezulu kwandisa izingozi, ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya ezilwa nemililo, izivunguvungu, namandla amancane okubhekana nezinhlekelele. UShandu wethule inkulumo yosuku ngesikhathi kuqala iDisaster indaba yezinsuku ezimbili eBallito. Lo mhlangano ubuhlose ukuqinisa izinsiza zokucisha umlilo, ukwenza ngcono izinhlelo zokuxwayisa kusenesikhathi kanye nokusheshisa ukululama ngemva kwezigameko ezinkulu esifundeni. “Kusukela ngo-Ephreli 2012 kuya kuMashi, uma kungeyena u-Ephreli 2022, isifunda sethu siqophe amakhulukhulu ezigameko zokuqubuka komlilo kanye nezimo zezulu ezimbi ezihamba phambili ohlwini. Lezi zikhala zishiya lemiphakathi yasemakhaya isengcupheni kakhulu” kusho iMeya.
Abaholi bendabuko, abezimo eziphuthumayo, izinhlangano zomphakathi, neminyango kahulumeni bebekhona kulo mhlangano. Inkosi uMpendulo Cele itshele umbuthano ukuthi imiphakathi yasemakhaya isasengozini enkulu ngoba imizi eminingi isakhiwe eduze kwemiqansa nezinye izindawo eziyingozi. “Ngizokwenza isiqiniseko sokuthi siyagcizelela ezinduneni zethu la sisuka khona ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya ukuze zenze isiqiniseko sokuthi uma zinika abantu izindawo zingabaniki indawo lapho kunobungozi khona. Kumele siqinisekise ukuthi sibanika indawo lapho kuphephe khona futhi singakhi eduze kwemifula, eduze kojantshi, eduze kwemigwaqo noma ezindaweni eziyingozi” engeza.

