Ngiphakamisa ukubonga kwami kuMhleli wephepha ndaba umama Sheila kanye nethimba lakhe abambisene nalo ukuhlela umcimbi nokubonga bonke abenza kahle emphakathini kusuka kumaciko, kumaNPO/NGO naMakhosi.
Ngiyabonga ngokungikhetha ngibe yiNxusa le-KZN Namuhla ngizizwa ngihloniphekile futhi ngithobekile ngalokhu kuhlonishwa. Naphezu kwezinselelo ebengibhekene nazo kulonyaka, ngiyazibophezele ekumeleni umphakathi wethu ngokuziqhenya nangokuzinikela. Siyabonga ngethuba eningipha lona ngiyathembisa nango-2026 ukusebenza okuhle emphakathini kumaciko nakwezemidlalo ngizokwenza konke okusemandleni ukuze ngibe nomthelela omuhle. #KZN NamuhlaAmbassador.

