UJabulani Khubisa ufisa izinkampani ezenza umculo zimuthathe

UJabulani Khubisa (41) odabuka KwaSwayimane esigodini sakwaJanokwe kodwa otholakala eSavanna Park ngokokuhlala kanti ungene endimeni yezomculo weKwaito House ngonyaka ka2010 kodwa ngenxa yokuswela imali ubengakaze akwazi ukuqopha ngaphambilini.

Ezikhulumela ngowakhe nephephandaba uthe: “Ngibhalela iKZN Namuhla ngoba ngike ngibone ibhalela amaciko asafufusa ngakho nami nginethemba lokuthi ngizoluthola usizo nje ngoba kunzima ngempela kulendima yomculo mangabe uyiciko elizimele ngoba yonke into isuke ibheke wena nephakethe lakho,nginezingoma eziningi esengizibhalile kodwa benginenkinga yokuthola iStudio engingakwazi ukusikhokhela,” kusho uJabulani.

Uthe okusha afisa abalandeli bakhe bakwazi ukuthi kukhona ingoma azoyikhipha kulenyanga ezobe ishisa izikhotha okuyiyona afuna ukuzibonakalisa ngayo kubantu ukuze bamazi uyacela uma isiphumile umphakathi umeseke ngokuyi download kanti uyafisa ukuthi izinkampani ezenza umculo kezilibheke naye ikhono lakhe njengoba inhloso yakhe kuwukuthi umculo wakhe uze udlalwe kwiziteshi zomsakazo ezihamba phambili nakwi TV.

Kuwo wonke umuntu othanda ukuxhumana noJabulani angamushayela kulenomolo: 083 9417 979 noma kuWhatsApp: 066 177 0354 okanye kuFacebook: JBK Ncube.