UMNYANGO WEZASEKHAYA  UKHIPHE AMAKHADI E-SMART ID ANGAPHEZU KUKA -4 MILLION  NGO-2025

UMnyango WezaseKhaya (Department of Home Affairs – DHA) ukhiphe amakhadi e-Smart ID ayizi 4 002 964 ngonyaka ka-2025, okuyisibalo esikhulu kunazo zonke emlandweni walo mnyango.

Lokhu kusho ukwenyuka ngo-17% uma kuqhathaniswa namakhadi e-Smart ID ayi-3 427 468 akhishwe ngo-2024, okwakuwurekhodi ngaleso sikhathi.

Ukusebenza kuka-2025 kudlule ngaphezu kwezigidi ezi-1.3 inani lamakhadi e-Smart ID akhishwe ngo-2023 nango-2022.

Le mpumelelo yomlando iyingxenye yohlelo lomnyango lokuletha izinsiza ze-Home Affairs kubantu ngokusebenzisa uguquko lwezobuchwepheshe (digital transformation).

Ukugxila ekuthuthukisweni kobuchwepheshe nasekwandiseni ukusebenza kahle eMnyangweni WezaseKhaya kanye naseGovernment Printing Works (GPW), okuyiyo ekhiqiza amakhadi e-Smart ID, kube nomthelela omkhulu kule mpumelelo.

Enye yezinguquko ezibalulekile kube wukulungiswa nokuthuthukiswa kwe-Online Verification Service (OVS), eyayikade ingenayo imali eyanele futhi isetshenziswa kabi abanye abasebenzisi bangaphandle.

Ukulungiswa kwalokhu kuholele ekwandeni kwesikhathi lapho izinhlelo zisebenza khona ngaphandle kwezinkinga, kanye nokusebenza kangcono kwe-population register emahhovisi e-Home Affairs. Lokhu kwenze abantu abaningi baseNingizimu Afrika bakwazi ukuthola amakhadi e-Smart ID kunanini ngaphambili.

UNgqongqoshe WezaseKhaya, uDkt Leon Schreiber, uthe:
“Ukufinyelela esigabeni sokukhipha amakhadi e-Smart ID angaphezu kwezigidi ezi-4 ngonyaka owodwa okokuqala ngqa kukhombisa ukuthi ukuzibophezela kwethu ekuguqulweni kwezobuchwepheshe kwandisa ukufinyelela nezinsiza kubantu abaningi ngendlela engakaze ibonwe ngaphambili.

“Amakhadi e-Smart ID aphephe kakhulu uma kuqhathaniswa nencwadi kamazisi eluhlaza enamabha, esengozini enkulu yokukhwabaniswa. Ngenxa yenguquko yezobuchwepheshe eqhubekayo e-Home Affairs, abantu abangaphezu kwezigidi ezi-4 bathole ithuba lokuvula ama-akhawunti ebhange ngokuphepha, ukuthola imisebenzi nokufinyelela izibonelelo zikahulumeni ngo-2025.”

Uthe futhi:
“Ukusheshisa ukukhishwa kwamakhadi e-Smart ID kuyinsika ebalulekile yezinhloso zohlelo lwentuthuko lwesikhathi esiphakathi (Medium-Term Development Plan). Incwadi kamazisi eluhlaza enamabha, ehlelelwe ukufakwa esikhundleni yi-Smart ID, isiphenduke into elula kakhulu kubakhwabanisi futhi kuthiwa isengozini yokukhwabaniswa ngokuphindwe izikhathi ezi-5 uma iqhathaniswa ne-Smart ID.”

Ukuze kuqhubeke nokwandisa ukufinyelela kumakhadi e-Smart ID, umnyango usezigabeni zokugcina zokulungiselela ukubambisana okusha kwezobuchwepheshe nomkhakha wamabhange eNingizimu Afrika. Lokhu kuzokwenza izakhamuzi eziningi zikwazi ukuthola amakhadi e-Smart ID emagatsheni amabhange amaningi ezweni lonke, eduze nalapho zihlala khona. – SAnews.gov.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *