UNdunankulu uNtuli uhlangene nezinkampani ezinkulu eRichardsbay 

 WALI ANELISIWE

UNdunankulu waKwaZulu-Natali uMhlonishwa , uThamsanqa Ntuli, ube nomhlangano obalulekile nabaholi bezimboni (captains of industry) e-Bon Hotel, e-Richards Bay  ngaphansi kukaMasipala waseMhlathuze, ngoLwesine lomhlaka 9 Ephreli 2026.

Lo mhlangano ububanjelwe ngenhlodo yokudingida mayelana nezinyathelo  ezingathathwa uhulumeni wesifunda, omasipala kanye nabezimboni ezizimele ukukhulisa umnotho wesifundazwe, nokwenza ngcono ingqalasizinda kanye nemisebenzi emikhulu yentuthuko (catalytic projects).

Ngesikhathi ephawula kwabezindaba, uNdunankulu uNtuli ukhuthaze iminyango kahulumeni wesifunda kanye nabezimboni ezizimele ukuba bakhokhe izikweletu abanazo komasipala. Lokhu ukusho ngenhloso yokusiza  ohulumeni basekhayaukuthi  bakwazi ukusheshisa ukulethwa kwezidingo emiphakathini.Lokhu kuhlangana nabaholi bezimboni kuhambisane nomkhosi wokugubha iminyaka eyikhulu kwasungulwa i-Zululand Chamber of Commerce and Industries (ZCCI), inhlangano ehamba phambili ekuqinisekiseni ukukhula komnotho kulesi sifundazwe.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *