Abakwa SASSA banxusa umphakathi ukuthi kumele ulokhu ubheka imininingwane yayo ukugwema ubuqola

THOBILE MBATHA

Abakwa SASSA banxusa umphakathi ukuthi kumele ulokhu ubheka imininingwane yayo ukugwema ubuqola. Lokhu kuvele esitatimendeni esithunywelwe kwabezindaba sithe, i-SASSA eMpumalanga yeluleka abahlomuli besibonelelo sikaHulumeni sika-R350 (SRD) ukuthi baqhubeke nokuqinisekisa imininngwane yabo yokuxhumana ukuthi zisalungile ukugwema amaqola.

Lesisikhungo sikhiphe lombiko emva kokuthi uphiko olunakekela amakhasimende luthole inqwaba yezingcingo ezivela kwabahlomulayo bekhala ngokuthi sebeshintshiwe.

“Abantu kumele baqaphele kunomyalezo ozungezayo kuWhatsApp lapho amaqola esuke efuna ukusiza abahlomulayo ukuthi benze izicelo zabo, kunxuswa umphakathi ukuba ubheke abantu abangabazi bayakwazi ukushintsha imininingwane yokuxhumana egameni lomfakisicelo, kungcono ucele  omethembayo futhi omjwayele.”  Kusho i-SASSA.

Iphinde yagcizelela ukuthi kwaSASSA abakwazi ukushintsha ngaphandle kwesicelo sabahlomulayo. “Inqubo yokushintsha idinga inombolo kamazisi yomuntu ohlomulayo bese emva kwalokho athole inombolo ye-OTP kumakhalekhukhwini.” Esho

Abahlomuli bayanxuswa ukuqinisekisa ukuthi bangena kusizindalwazi/official website esisemthethweni esithi http://srd.sassa.gov.za. Ukuthola ulwazi olwengeziwe abahlomuli bengathinta isikhungo kulenombolo yamahhala ethi: 0800 6010 11 noma 013 574 9428/9363 phakathi neviki ngo-08:00 kuya 16:00.