THOBILE MBATHA
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA) uMnu.Sihle Zikalala unxuse umphakathi ukuthi uqaphele izimvula ezinamandla kwaZulu-Natali.
Lokhu kuvele esitatimendeni esithunyelwe kwabezindaba sithe, awasiqaphele isimo amathimba ezinhlekelele kulandela ukukhishwa kwezexwayiso sezulu elibi ngabe South African Weather Service (SAWS).
UZikalala uthe isimo sezulu esibi silokhu siqhubeke njalo ezingxenyeni eziningi esiFundazweni. ‘Njengomnyango sesiyalele amathimba ethu abhekana nezinhlekelele ukuthi ahlale eqaphile kanti siwayalele ukuthi abheke izindawo ezikhonjwe isexwayiso ukuthi zingase zibhekane nobungozi. Kusho uZikalala.
Phakathi kwezindawo okubalwe ukuthi zizokhahlamezeka ngenxa yesimo sezulu esibi ilezi: Thekwini, KwaDukuza, Newcastle, Abaqulusi, Indaka, Mnambithi, Hlabisa, Hluhluwe, Dannhouser, Underberg, Dumbe, Madlangeni, Ndumeni, Kokstad, Mpendle, Ingwe, Escourt, Sobabili, Jozini, Mandeni, Maphumulo, Mkhambathini, Mpofana Giants Castle, Mooi River, Msinga, Mthonjaneni, Mtubatuba, nase Ndwedwe
Uqhube wathi, izimo zezulu ziletha ubungozi obukhulu empilweni yabantu ngakho bayacelwa ukuthi nabo baqaphele izikhukhula ezingadalwa yimvula enamandla. “Siyayinxusa imiphakathi ukuthi isithathele phezulu isexwayiso ikakhulukazi labo abeqa imifula nezindlela zezinyawo ezigcwala amanzi uma linile” esho
Ephetha udonse ngendlebe abashayeli bezimoto ukuthi bengahambi ngesivinini esiphezulu emgwaqeni uma linetha baphinde baqaphele kakhulu banciphise ijubane.


