
I-University of Johannesburg (UJ) iqede amathemba ompetha abavikela isicoco, i-University of the Western Cape (UWC), okunqoba ngo-1-0 emdlalweni obunzima nokuyibekele indawo kowamanqamu.
I-UP-Tuks nayo kudingeke isebenze kanzima emdlalweni obushubile wasePitoli, yagcina inqobe omakhelwane bayo iTshwane University of Technology (TUT) ngamaphenathi, yazibekisela indawo kowamanqamu lapho izobhekana khona ne-UJ.
Kweminye imidlalo, iWits izitholele amalungelo okuziqhayisa kuGroup A ngokunqoba iCPUT ngo-1-0, kanti iWSU ibuye emuva ngemuva kokusala ngo-1-0 yanqoba iUL ngo-2-1 empini ebithokozisayo phakathi kwamaqembu amabili aqala ukudlala kulo mqhudelwano.
UJ 1-0 UWC
Emdlalweni owandulela owamanqamu obuseWits Stadium, i-University of Johannesburg (UJ) ikhiphe esihlalweni ompetha abavikela isicoco, i-University of the Western Cape (UWC), ngenxa yegoli elihle likaLindelwa Mabuza, eliqinisekise ukunqoba ngo-1-0.
Njengoba womabili amathimba ayelwela indawo ebalulekile kowamanqamu, umdlalo phakathi kwalezi zikhondlakhondla waqala ngesivinini nangomfutho omkhulu. I-UJ iqale ngokuhlasela nangokucindezela kakhulu, yathumela abadlali abaningi phambili futhi yaphoqa i-UWC ukuba ihlale engxenyeni yayo yenkundla.
I-UWC ivimbe ngesibindi ukuze imelane nokuhlasela kwe-UJ kwasekuqaleni. Nokho, ukuhlasela kwayo ngezikhathi ezithile akuzange kumfake ngaphansi kwengcindezi unozinti we-UJ, uMatshidiso Masebe.
Nakuba i-UJ ibiphethe ibhola futhi ilawula indlela umdlalo obuhamba ngayo, bekuyisivivinyo esinzima sokubekezela kumqeqeshi we-Orange Army, uNthabeleng Modiko. Ithimba lakhe belivame ukuntula ukuzola nokuthatha izinqumo ezifanele uma seliseduze nepali lezitha.
Impi eshubile iqhubekile nasesiwombeni sesibili, amathuba okushaya amagoli elokhu eyivelakancane. I-UWC ike yahlasela ngezikhathi ezimbalwa, kodwa kube ngunozinti wayo, uThandeka Ngcobo, obelokhu ephoqeleka ukuba avimbe imizamo ye-UJ ukuze agcine ompetha besesemdlalweni.
Igoli elinqobile ligcine lifikile ngomzuzu ka-67. Umdlali ovelele we-UJ, uLindelwa Mabuza, ubambisene kahle noSbongakonke Mzobe. UMabuza ungene ebhokisini le-UWC, wamukela ibhola elibuyisiwe, waliphakamisa ngobuchule ladlula phezu kukaNgcobo obezama ukuphuma, layongena enethini.
I-UJ idlale ngokuzimisela nangokuvuthwa emizuzwini yokugcina, yakwazi ukumelana nokuhlasela kokugcina kwe-UWC nokuzibekisela ukunqoba okukhulu.
Umlingo kaMabuza awugcinanga nje ngokuqeda ukubusa kwe-UWC, kodwa uphinde waqeda neshobolo le-UJ lokuhluleka ukunqoba izimbangi zayo emidlalweni eyandulela owamanqamu. Lokhu kudlulisele i-Orange Army kowamanqamu ngendlela egculisayo.
ABASHAYE AMAGOLI
UJ: (0) 1
Lindelwa Mabuza
UWC: (0) 0
Umdlali ovelele: Sthembile Sandleni (UJ)
ABADLALI
UJ: Matshidiso Masebe, Kabelo Mokoena, Kutlwano Maphane, Angel Munasi, Sthembile Sandleni, Nhlakanipho Moyo, Lindelwa Mabuza, Mpho Dlamini, Sbongakonke Mzobe, Ayanda Mnyembane.
UWC: Thandeka Ngcobo, Skye Constance, Unathi Simayile, Mmabatho Mogale, Nabeelah Galant, Sinamile Mkhwanazi, Kearah Gentry, Akholiwe Matsotsi, Tiffany Kortjie, Thembelihle Zulu, Lisakhanya Magida.
UP-Tuks 1 (6) – 1 (5) TUT
Umdlalo wabakhaya basePitoli obuvusa amadlingozi ubone i-University of Pretoria (UP-Tuks) igcina inqobe iTshwane University of Technology (TUT) sekukhahlelwa amaphenathi. Lokhu kuyibekele indawo lapho izobhekana khona ne-UJ kowamanqamu womqhudelwano.
Umdlalo owandulela owamanqamu uqale ukuhlokoma emizuzwini emihlanu nje kuphela ngemuva kokuqala, ngenxa yekhono elimangalisayo lomdlali weTuks, u-Ibanathi Msindo.
Ngesikhathi kunikezwa i-free kick ebangeni elilinganiselwa kumamitha angu-20 ukusuka epalini, uMsindo udedele ishodi elinamandla elishaye ipali elingenhla. Ibhola libe selishaya emhlane kanozinti weTUT, laginqika lawela umugqa, lanika iTuks igoli lokuhamba phambili.
I-TUT ayizange ivumele leli goli lasekuqaleni ukuba liyiphazamise. Ibuye ngamandla ngomzuzu ka-16 ngesikhathi ithola i-free kick emaphethelweni ebhokisi. Ukaputeni uSibongile Ntoane ushaye ibhola eliphansi nelinembayo, layongena ekhoneni elingezansi kwesokudla, ladlula ezingalweni zikanozinti weTuks, u-Akani Maluleke.
Ngemuva kokulinganisa, iTUT iqhubekele phambili ngokusebenzisa isivinini sikaThabiso Senyatsi ophikweni lwesokudla namandla omgadli uGugu Mabitsela. Nokho, abadlali basemuva beTuks, uNthabiseng Mazoeu noShannan Williams, bavimbe ngendlela esezingeni eliphezulu, baqhubeka nokubhuntshisa ukuhlasela kweTUT.
Njengoba indawo kowamanqamu ibisematheni, isiwombe sesibili silethe ukuhlaselana okungapheli. Nokho, alikho ithimba elikwazile ukuthola igoli lokunqoba, nokuholele ekutheni umdlalo uqonde kumaphenathi.
Umdlalo ushube kakhulu ngesikhathi womabili amathimba egeja amaphenathi amabili emizuliswaneni ejwayelekile, okwenze umqhudelwano wangena esigabeni sokufa nokuphila.
ITuks igcine ukuzola, yafaka amaphenathi amabili abalulekile. Unozinti wayo, u-Akani Maluleke, ube yiqhawe ngokuvimba iphenathi elinqumayo leTUT, wathumela iStripe Generation kowamanqamu.
ABASHAYE AMAGOLI
UP-Tuks: (1) 1
Ibanathi Msindo
TUT: (1) 1
Sibongile Ntoane
Umdlali ovelele: Ibanathi Msindo (UP-Tuks)
ABADLALI
UP-Tuks: Akani Maluleke, Liyema Dyeli, Sizakele Khumalo, Palesa Hlongwane, Thobile Mtsweni, Mmarita Malatji, Dakarai Zhoya, S’bahle Ndlovu, Shannan Williams, Nthabiseng Mazoeu, Ibanathi Msindo.
TUT: Mahlodi Mokoena, Nonzuzo Buthelezi, Lindiwe Nkambule, Noxolo Ngobe, Palesa Ntsholo, Ntateko Nkhuna, Sibongile Ntoane, Thabiso Senyatsi, Gugu Mabitsela, Nombuso Malesa, Mbali Ndlovu.
Wits 1-0 CPUT
Umdlalo kaGroup A phakathi kosokhaya iWits neCPUT uqale ngomfutho omkhulu. Ithimba laseJohannesburg belizimisele ukujabulisa abalandeli balo nokuzitholela amalungelo okuziqhayisa kulo mqhudelwano.
IWits iqale ngokubeka iCPUT ngaphansi kwengcindezi. UNelly Tebele ubesondela ekushayeni igoli ngekhanda, kodwa ibhola lakhe lakhishwa emgqeni. Abadlali bakaSiphesihle Ngalmane baqhubekile nokuhlasela ngamandla nokucindezela iCPUT.
IWits ibe ngeyokuqala ukushaya igoli, nokuyibeke esimweni esihle emdlalweni obubonakala ulawulwa yiyo. UNokubonga Msimango uvule inkundla yamagoli ngokududula ibhola kalula layongena ekhoneni elingezansi.
Ngemuva kokuthwala kanzima ukuphuma engxenyeni yayo yenkundla, iCPUT igcine ikwazile ukubambisana kahle ngasekupheleni kwesiwombe sokuqala, yacishe yathola igoli lokulinganisa. Iphoqe iWits ukuba yenze amaphutha emuva, kwathi uZilungile Mathiya washaya i-free kick enamandla eyakhishwa ngunozinti.
IWits iye ekhefini ihamba phambili ngo-1-0.
Ukudlala ngobuchule, ngokulandela amaqhinga nangokuzimisela yikhona okubuse isiwombe sesibili. IWits iqhubekile nokulawula ukuze ivikele ukuhola kwayo, kodwa yakha amathuba ambalwa. ICPUT ihlasele kakhulu njengoba ibifuna igoli lokulinganisa, kodwa yehluleka ukuwasebenzisa amathuba ayo.
Ithimba laseKapa licindezele iWits ngamandla, kodwa unozinti uMatsie Moekwa ubewulungele umsebenzi, waqinisekisa ukuthi ithimba lakhe liqhubeka nokuhola.
UZozibini Jim uthole ithuba lokulinganisa engaphazanyiswa muntu ebhokisini. IWits ibingaphansi kwengcindezi futhi yehluleka ukususa ibhola, kodwa uJim walikhahlela ladlula phezu kwepali.
IWits iqhubekile nokuma iqine emuva, kodwa ayizange iyeke ukufuna igoli lesibili. UKiyhana Daniels uvimbe imizamo emibili yeWits, wayincisha ithuba lokwandisa amagoli. Uqale ngokuvimba uMsimango ngesikhathi iWits ihlasela ngokuzuma, waphinde wakhipha ishodi lika-Aliyaah Allie ongene esuka ebhentshini.
Akubanga khona elinye igoli emizuzwini yokugcina, kwathi igoli likaMsimango lesiwombe sokuqala lanele ukunikeza iWits ukunqoba.
ABASHAYE AMAGOLI
Wits: (1) 1
Nokubonga Msimango
CPUT: (0) 0
Umdlali ovelele: Kihyana Daniels (CPUT)
ABADLALI
Wits: Matsie Bridgette Moekwa, Lusanda Nyathi (C), Thalente Ntamane, Beyonce Van Wyk, Primrose Kopeka, Molatelo Mothiba, Elona Ncumeza, Nelly Tebele, Imaan Parker, Nokubonga Msimango, Olwethu Mdyesha.
CPUT: Amanda Poti, Sinothile Makhanya, Snothando Mangaliso, Kiyhana Daniels, Liyema Tom, Mosetsanagape Theodorah Leepile (C), Zilungile Mathiya, Bontle Mkhangwana, Yandiswa Ndlangamandla, Zozibini Jim, Sinelisiwe Phumlomo.
WSU 2-1 UL
IWSU ibuye emuva ngemuva kokusala ngo-1-0, yanqoba ngo-2-1 obekubaluleke kakhulu empini yamathimba amabili aqala ukudlala kulo mqhudelwano. IWSU neUL babhekane emdlalweni kaGroup B ntambama ebandayo yaseJohannesburg.
IWSU iqale umdlalo ihlose ukufaka iUL ngaphansi kwengcindezi ngokushesha, kodwa ithimba laseTurfloop liyisingathe kalula imizamo yayo.
IUL ibe ngeyokuqala ukushaya igoli ekuhlaseleni kwayo kokuqala. AmaTurfies anikezwe i-free kick emaphethelweni ebhokisi, okugcine kuyigoli.
UFiona Namanyana usondele ebholeni walishaya ngamandla laphansi, layongena ekhoneni elikude, unozinti engakwazi ukulivimba.
IWSU ibe isicindezela iUL njengoba ibifuna igoli lokulinganisa. ULilita Mweli ubonakale eyingozi kubadlali basemuva beUL futhi wasondela ekushayeni igoli, kodwa imizamo yakhe ayizange iqonde epalini.
IWSU icishe yathola igoli lokulinganisa ngasekupheleni kwesiwombe sokuqala. I-free kick enamandla kaMweli ishaye ipali, kodwa uMandisa Gumede wehlulekile ukuqondisa ibhola elibuye epalini ngekhanda. IUL iye ekhefini ijabule ngokuhamba phambili ngo-1-0.
IWSU ibuye esiwombeni sesibili izimisele ngokulwa nokusebenzisa amathuba ayo. Ithimba lasekuGompo City lithole igoli lokulinganisa ngokushesha ngoMandisa Gumede.
IUL yenze amaphutha angaphoqiwe emuva, kwathi uGumede wadedele ishodi elinamandla ngonyawo lwesobunxele, wabuyisela iWSU emdlalweni.
IUL ibe isibhekene nengcindezi enkulu futhi bekunzima ukuba iphume engxenyeni yayo yenkundla. UMweli uphinde washaya ipali ngesikhathi efuna igoli elizobeka iWSU phambili.
Abadlali bakaSandile Bimbi baqhubekile nokuhlasela iUL, bagcina behamba phambili. Unozinti weUL, uMangoako Keetsi, uthwale kanzima ukubhekana namabhola aphakeme. ULilitha Mjungula ushaye ibhola eliphakeme esuka ngaphandle kwebhokisi, unozinti wehluleka ukulivimba.
Njengoba iWSU ibihamba phambili okokuqala emdlalweni, iqhubekile nokuhlasela ifuna ukwandisa amagoli. UMjungula ube yiqhawe leWSU ngokushaya igoli lokunqoba ngeshodi elide eliphakeme.
Sekusele imizuzu emibili kuphela, iUL icishe yaphazamisa imigubho yeWSU ngesikhathi uKeletso Rakgate ezithola ebhekene ngqo nonozinti. Nokho, ushaye ibhola laqonda ezandleni zikanozinti, kwavumela iWSU ukuba ibambelele ekuholeni kwayo futhi izitholele ukunqoba okusebenzekelwe kanzima.
ABASHAYE AMAGOLI
WSU: (0) 2
Mandisa Gumede, Lilitha Mjungula
UL: (1) 1
Fiona Namanyana
Umdlali ovelele: Fiona Namanyana (UL)
ABADLALI
WSU: Okuhle Mrulwa, Likona Lisakanya Ngewu, Angel Shabalala, Nokulunga Buhle Buthelezi, Lisakhanya Msengana, Esoxolo Nyholo, Lilitha Mjungula, Lilita Ncwanekazi Mweli, Emihle Nase, Yalandisa Matiso, Mandisa Nomfundo Gumede.
UL: Mangoako Tebogo Keetsi, Melita Dikeledi Matsee, Lisbon Forgive Phakula, Pitsi Ramasenya, Melida Sekuba, Welcome Maphanga, Queen Sithole, Kgothatso Segabetla, Bonolo Mashego, Fiona Namanyana, Bridgette Mahlare.
Imidlalo ezayo: Chofoza lapha
Amathikithi: Chofoza lapha
Top of Form
Bottom of Form

