
IGateway Theatre of Shopping Centre e-Mhlanga ingesinye sezikhungo ezinkulu ezizothengwa kulesi sivumelwano
SHEILA MHLONGO
Inkampani enkulu etshala izimali ezakhiweni zezitolo, iVukile Property Fund (JSE: VKE), isimemezele isivumelwano esikhulu sokuthenga izikhungo zezitolo eziyi-18 enkampanini iOld Mutual Real Estate Holding Company (OMREHC), ngemali engu-R16,1 billion.
Lesi sivumelwano, esibalwa phakathi kwezinkulu kakhulu emlandweni wokuthengiselana ngezakhiwo eNingizimu Afrika, sizokwenza iVukile ibe yinkampani enkulu kunazo zonke kuleli etshala izimali ezakhiweni zezitolo ngaphansi kohlelo lweReal Estate Investment Trust (REIT), uma kubhekwa ubukhulu bendawo yezitolo engaqashiswa.
Phakathi kwezikhungo ezizothengwa kubalwa iGateway Theatre of Shopping eseMhlanga, KwaZulu-Natali, kanye neCavendish Square eseClaremont, eNtshonalanga Kapa.
Lesi sivumelwano kulindeleke ukuthi siqale ukusebenza mhla lu-1 ku-Ephreli 2027 noma ngesikhathi esiseduze nalolo suku, uma zonke izimvume nemibandela edingekayo sekufeziwe.
INANI LEZAKHIWO ZEVUKILE LIZOKHUPHUKA LIFIKE KU-R80 BILLION
Ukuthengwa kwalezi zakhiwo kulindeleke ukuthi kukhuphule inani lezakhiwo zeVukile eziseNingizimu Afrika cishe ngo-80%, lifinyelele ku-R36,7 billion.
Uma isivumelwano sesiphothuliwe, inani lezimpahla zenkampani emhlabeni wonke kulindeleke ukuthi lifinyelele ku-R80 billion.
IVukile izobe isinezikhungo zezitolo ezingama-41 eNingizimu Afrika, ezinendawo engaqashiswa engaphezu kwamamitha-skwele ayizigidi eziyi-1,3.
Lezi zikhungo ziheha ukuvakashelwa kwamakhasimende okungaphezu kwezigidi ezingama-265 ngonyaka, kanti ukuthengiswa kwezimpahla kuzo kudlula u-R45 billion ngonyaka.
Isikhulu esiphezulu seVukile Property Fund, uLaurence Rapp, sithe ukuthola izikhungo zezitolo ezisezingeni eliphezulu ezihambisana nezinhlelo zenkampani akulula emakethe yaseNingizimu Afrika enokuncintisana okukhulu.
“Silibonile leli thuba elikhulu lokusebenzisana ne-Old Mutual, sase sililandela ngenhloso yokukhulisa isu lethu lokutshala izimali ezikhungweni zezitolo. Ukuthola lezi zakhiwo esezinesikhathi zisebenza kuyimpumelelo enkulu enkampanini yethu,” kusho uRapp.
Uthe lesi sivumelwano sikhombisa indlela iVukile esebenza ngayo ekutholeni amathuba amasha okutshalwa kwezimali.
Ezinyangeni ezingama-24 ezedlule, inani lezivumelwano zokuthenga izakhiwo ezenziwe yiVukile selifinyelele ku-R40 billion.
Lokhu kuhlanganisa ukuthengwa kwezakhiwo eNingizimu Afrika naseYurophu, ngokusebenzisa izinkampani zayo iCastellana Properties, etshala izimali eSpain nasePortugal, kanye ne-Esperia Properties, etshala izimali e-Italy.
IVUKILE ITHOLE U-R7,3 BILLION KUBATSHALIZIMALI
Lesi sivumelwano sizoxhaswa ngemali ebolekiwe kanye nemali etholakala ngokuthengiswa kwamasheya.
Inkampani ikwazile ukuqoqa u-R7,3 billion ngokuthengisela abatshalizimali amasheya ngenqubo esheshisiwe.
Izicelo zabatshalizimali zokuthenga amasheya zedlule inani lamasheya abekhona ngokuphindwe izikhathi eziyi-2,6.
Abatshalizimali bakwamanye amazwe babe nesabelo esingu-34% sezicelo zokuthenga amasheya, kanti abatshalizimali baseNingizimu Afrika baba nesabelo esingu-66%.
Amasheya athengiswe ngo-R24,37 lilinye, okuyinani eliphansi ngo-3,9% kunentengo yokuvala emakethe ngalolo suku.
Izikhungo zezimali i-Investec, iRMB kanye neBank of America bezihola ekuhleleni lokhu kuthengiswa kwamasheya.
Ngaphambi kokuba isivumelwano siqale ukusebenza, imali eqoqiwe izotshalwa ezinhlelweni zesikhathi esifushane okulindeleke ukuthi zilethe inzuzo elinganiselwa ku-8,2%.
Isivumelwano sisadinga ukugunyazwa yiziphathimandla ezibhekele ukuncintisana kwezamabhizinisi kanye nokulawulwa kokushintshaniswa kwezimali.
IZIKHUNGO ZEZITOLO EZINGU-18 ZISEZIFUNDAZWENI EZINHLANU
Izakhiwo eziyi-18 ezithengwa kwa-Old Mutual zitholakala ezindaweni eziyisishiyagalombili ezibalulekile kwezohwebo, ezifundazweni ezinhlanu.
Lezi zakhiwo zinendawo ehlanganisiwe ecishe ibe ngamamitha-skwele angama-515 000.
UMqondisi Ophethe weVukile Property Fund eNingizimu Afrika, u-Itumeleng Mothibeli, uthe zonke lezi zakhiwo zihambisana nesu lenkampani lokutshala izimali ezikhungweni zezitolo ezihamba phambili ezindaweni ezikuzo.
Uthe lezi zikhungo zinabaqashi bamabhizinisi abaqinile kanye namathuba okukhulisa imali engenayo.
“Sesivele senze izinhlelo zokuqala zokuhlanganisa lezi zakhiwo nohlelo lwethu lokuphatha. Silindele ukukhiqiza imali eyengeziwe engu-R182 million ngokuphatha izakhiwo ngendlela esebenzayo, ukunciphisa izindleko, ukunciphisa izindawo ezingaqashiwe nokwandisa imithombo yemali engenayo,” kusho uMothibeli.
IVukile izosebenzisa ulwazi lwayo ekuphathweni kwezikhungo zezitolo, ekongeni izindleko nasekulawuleni ukusetshenziswa kukagesi ukuze kuthuthukiswe ukusebenza kwalezi zakhiwo.
Inkampani iExcellerate Real Estate Services (JHI), esivele iphatha zonke izakhiwo ezithengwayo, izoqhubeka nokwenza lo msebenzi.
Abanye abasebenzi ababalulekile emaqenjini akhona bazoqhubeka nemisebenzi yabo ukuze kuqinisekiswe ukuthi ushintsho aluphazamisi ukusebenza kwezikhungo.
IGATEWAY THEATRE OF SHOPPING INGESINYE SEZAKHIWO EZIBALULEKE KAKHULU
Phakathi kwezikhungo ezaziwayo ezizongena ngaphansi kweVukile kubalwa:
- Gateway Theatre of Shopping – eMhlanga, KwaZulu-Natali.
- Cavendish Square – eClaremont, eNtshonalanga Kapa.
- The Zone @ Rosebank – eJohannesburg, eGauteng.
- Vincent Park – e-East London, eMpumalanga Kapa.
- Phumulani Mall – eTembisa, eGauteng.
- Kagiso Mall – eKrugersdorp, eGauteng.
- Bedford Centre – e-Ekurhuleni, eGauteng.
- Riverside Mall – eMbombela, eMpumalanga.
IGateway Theatre of Shopping neCavendish Square zihlangene zimele ngaphezu kuka-60% wenani lazo zonke izakhiwo ezithengwayo.
IThe Zone @ Rosebank yona yaziwa kakhulu ngezindawo zokudlela, iziphuzo kanye nezokuzijabulisa.
Izikhungo iVincent Park, iPhumulani Mall neKagiso Mall zihambisana kahle nezakhiwo iVukile esivele inazo eNingizimu Afrika.
IBedford Centre neRiverside Mall zona zinamathuba okuvuselelwa nokuthuthukiswa ukuze zihehe amakhasimende amaningi.
IVukile ithe isivele ikhombisile ikhono layo lokuvuselela izikhungo zezitolo, njengoba yenze ngempumelelo eMall of Mthatha, eMpumalanga Kapa.
IVUKILE IGXILE EZIDINGWENI ZAMAKHASIMENDE
Inkampani ithe ukuthengwa kwalezi zakhiwo kuzoyisiza ukuthi ifinyelele amakhasimende avela emaqenjini ahlukene ngokwamazinga emali engenayo.
IVukile isizakhele igama elihle ngokutshala izimali ezikhungweni zezitolo ezisemalokishini nasezindaweni zasemakhaya.
Lezi zikhungo kulindeleke ukuthi zibe ngu-40% wezindawo zayo zezitolo eNingizimu Afrika uma isivumelwano sesiphothuliwe.
Nokho, inkampani ayigcini ngokutshala izimali kulezi zindawo kuphela, njengoba isiqhubeka nokwandisa ukuba khona kwayo emadolobheni amakhulu nasezindaweni ezihlala abantu abahola imali ephezulu.
IVukile ithe ibeka amakhasimende phambili lapho ihlela futhi ithuthukisa izikhungo zayo.
Lokhu kufaka ukuqonda izidingo zabantu bendawo, ukwakha izindawo zokuthenga ezikhangayo nokwenza amakhasimende achithe isikhathi esengeziwe ezikhungweni zezitolo.
Le ndlela ihlose ukwandisa ukuthengiswa kwezimpahla, ukweseka amabhizinisi aqasha izindawo kanye nokwakha inzuzo yesikhathi eside kubatshalizimali.
Inkampani isebenzisa le ndlela naseYurophu, lapho iphethe izikhungo ezinkulu zezitolo emadolobheni aseMadrid, Barcelona naseValencia eSpain, kanye nakwezinye izindawo ePortugal nase-Italy.
IVukile iphinde ibe nesabelo esingu-35% enkampanini iPradera Limited, ephatha izakhiwo zezitolo emazweni aseYurophu, ezinenani elilinganiselwa ku-€5 billion.
URapp uthe ukwandisa izakhiwo zenkampani eNingizimu Afrika kuzoyivumela ukuthi isebenzise amakhono ayo amaningi ukuze ihlinzeke amakhasimende avela kuwo wonke amazinga omnotho.
INKAMPANI IBAMBISANA NE-BOPA MORUO EKUPHATHWENI KWEGATEWAY
Ukuze kuthuthukiswe inzuzo futhi kuncishiswe ubungozi bokutshalwa kwezimali, inkampani iBopa Moruo, esebenza ngaphansi kohlelo lweBroad-Based Black Economic Empowerment (B-BBEE), izothenga isabelo esingu-49% enkampanini ezoba ngumnikazi weGateway Theatre of Shopping kanye neThe Gateway Hotel.
IGateway Theatre of Shopping iyisikhungo esikhulu kunazo zonke kulezi zakhiwo ezithengwayo, futhi ingesinye sezikhungo zezitolo ezinkulu kakhulu ohlangothini oluseningizimu yomhlaba.
Inendawo engamamitha-skwele ayi-170 113.
IVukile izoqhubeka nokuba ngumnikazi wesabelo esikhulu kule nkampani futhi izothola imali yokuphatha iGateway Theatre of Shopping.
Izophinde ibe nelungelo lokuthenga isabelo seBopa Moruo esikhathini esizayo ngaphansi kwemibandela yesivumelwano.
UNthime Khoele, ongomunye wabasunguli nabaholi beBopa Moruo Private Equity, uthe lokhu kubambisana kuhambisana nenhloso yabo yokwakha inzuzo esimeme yesikhathi eside ngokusebenzisana nabalingani abanamava.
Uthe babheke ngabomvu ukusebenza neVukile ukuze kuthuthukiswe amathuba akhona eGateway nokufeza izinhloso zabo zokukhula ngokubambisana.
IVUKILE IYAQHUBEKA NOKWANDISA AMABHIZINISI AYO EYurophu
Ngaphambi kwalesi sivumelwano, cishe u-70% wenani lezakhiwo zeVukile wawutholakala ngaphandle kweNingizimu Afrika.
Ukuthengwa kwalezi zakhiwo kuzoshintsha lesi simo, njengoba u-46% wenani lezimpahla zenkampani uzobe useNingizimu Afrika, kuthi u-54% ube seYurophu.
Izinkampani ezingaphansi kweVukile zisebenza ngokuzimela, okuzenza zikwazi ukukhula ezimakethe zazo ngaphandle kokufaka ingcindezi ekusebenzeni kwezinye.
EYurophu, iVukile ilindele ukuphothula ukuthengwa kwezinye izakhiwo e-Italy ezinenani elilinganiselwa ku-€265 million phakathi kwezinyanga ezintathu kuya kweziyisithupha ezizayo.
Lezi zakhiwo kulindeleke ukuthi zilethe inzuzo ehlanganisiwe okungenani engu-8,5%, kanti imali yokuzithenga isivele ikhona.
INHLOSO UKWAKHA INZUZO YESIKHATHI ESIDE
URapp uthe izivumelwano zakamuva zokuthengwa kwezakhiwo ziyingqophamlando enkampanini iVukile.
“Lokhu kuthengwa kwezakhiwo kusinikeza iphothifoliyo enkulu nehlukahlukene yezikhungo zezitolo, kanye nendlela ecacile yokukhulisa imali engenayo ngokuphatha izakhiwo ngendlela esebenzayo. Isikhundla sethu ezimakethe esitshala kuzo izimali sesiqine kakhulu,” kusho uRapp.
IVukile ithe isalokhu izibophezele ekwakheni inzuzo yesikhathi eside kubatshalizimali nakwabanye abathintekayo.
Inkampani ayikashintshi izilinganiso zayo zokukhula zonyaka wezimali ozophela mhla zingama-31 kuNdasa 2027.
Ilindele ukukhula kwemali etholakala ekusebenzeni kwayo ngesabelo ngasinye (Funds from Operations – FFO) okuphakathi kuka-8% no-10%, kanye nokukhula kwezabelo zenzuzo ezikhokhelwa abatshalizimali okuphakathi kuka-10% no-12%.
Umthombo: Isitatimende sabezindaba seVukile Property Fund, esikhishwe yiDmix



