
USimphiwe Phakathi Executive Head yakwa Lesaka Consumer Division
27 Agasti 2026 – Njengoba sekusele izinsuku ezimbalwa ngaphambi komnqamulajuqu wangomhla ka-31 Agasti wokuba abahola izibonelelo zomphakathi abafanelekile bashintshe amakhadi abo e-SASSA Gold Card, izinkulungwane zabantu baseNingizimu Afrika zisadidekile ngendlela yokuthola izibonelelo, izindlela zokukhokhelwa, izidingo zokuqinisekiswa nge-elekthronikhi i-e-Verification kanye nemibandela yokufaneleka.
Abahola izibonelelo banenkululeko yokukhetha indlela nendawo abafuna ukukhokhelwa kuyo
Njengoba abahola izibonelelo bethatha izinqumo zokugcina ngendlela abafuna ukuthola ngayo imali yabo, iLesaka EasyPay, eyayaziwa nge-EasyPay Everywhere, ibakhumbuza ukuthi banelungelo lokukhetha indlela nendawo abafuna ukukhokhelwa kuyo.
Iphinde ibanxuse ukuba bavakashele igatsha lakwaLesaka eliseduze ukuze bathole usizo lwamahhala ubuso nobuso mayelana nezidingo ezihlukahlukene ezithinta izibonelelo zomphakathi.
Emagatsheni akwaLesaka angaphezu kuka-240 ezweni lonke, abeluleki abaqeqeshiwe basiza amakhasimende:
- Ukufaka izicelo zezibonelelo zomphakathi ezintsha.
- Ukuqedela inqubo ye-SASSA e-Verification lapho kudingeka khona.
- Ukuqonda i-SASSA Means Test nokuthi angase afanelekele yini ukuthola usizo.
- Ukushintshela ekutholeni izibonelelo nge-akhawunti yakwaLesaka EasyPay ukuze aqhubeke nokuthola imali yawo ngaphandle kokuphazamiseka.
“Njengoba usuku lomnqamulajuqu selusondela, baningi abantu abasazibuza imibuzo mayelana nokushintshwa kwamakhadi, imibandela yokufaneleka kanye nokufakwa kwezicelo zezibonelelo,” kusho uSimphiwe Phakathi, oyiNhloko ePhezulu yoPhiko Lwabathengi kwaLesaka.
“Sifuna abahola izibonelelo bazi ukuthi usizo luyatholakala egatsheni lakwaLesaka eliseduze nabo. Abantu abaningi bacabanga ukuthi ngeke bafanelekele ukuthola isibonelelo ngoba kukhona imali abayiholayo, kodwa uhlobo ngalunye lwesibonelelo lunemikhawulo yalo ye-Means Test. Sinxusa noma ubani ongenaso isiqiniseko ukuba akhulume nomunye wabeluleki bethu ngaphambi kokuthatha leso sinqumo,” kusho uPhakathi.
Abantu abaningi bakholelwa ngokungeyikho ukuthi ukuthola imali ngamatoho, ukusebenza izikhathi ezithile noma ukuba nomthombo omncane wemali kubenza bangakufanelekeli ukuthola usizo lukahulumeni. Nokho, lokhu akulona iqiniso ngaso sonke isikhathi.
Abeluleki bakwaLesaka EasyPay bangasiza abafaka izicelo ukuba baqonde imibandela yokufaneleka yezinhlobo ezahlukene zezibonelelo nokuthola ukuthi bangakufanelekela yini ukufaka izicelo.
Amagatsha akwaLesaka akhona ukusiza emiphakathini
Njengoba amagatsha akwaLesaka etholakala emiphakathini eyahlukene ezweni lonke, inhloso yawo ukusondeza izinsiza zezimali kanye nosizo oluphathelene nezibonelelo eduze nezindawo lapho amakhasimende ehlala khona.
“Kungakhathaliseki ukuthi udinga usizo lokuqonda umnqamulajuqu wokushintshwa kwekhadi, ukufaka isicelo sesibonelelo, ukuqedela inqubo ye-e-Verification noma ukuqonda i-Means Test, abeluleki bethu bakulungele ukukusiza mahhala,” kusho uPhakathi.
Abahola izibonelelo bangavakashela igatsha lakwaLesaka eliseduze nabo ukuze bathole usizo abaludingayo.

