
UNgqongqoshe woMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi Nengqalasizinda KwaZulu-Natal uMartin Meyer
UMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi Nengqalasizinda KwaZulu-Natal usuthole umbiko wokucwaningwa kwezimali ongenaphutha (clean audit) ovela kuMcwaningimabhuku-Jikelele waseNingizimu Afrika (AGSA), okokuqala ngqa emlandweni yawo.
UMnyango uthe ukubuyekezwa kwamarekhodi awo omlando kuqinisekisile ukuthi awukho umbiko wangaphambilini obhalwe phansi oveza ukuthi wake wathola umphumela wokucwaningwa kwezimali ongenaphutha. Lokhu kwenza le mpumelelo yakamuva ibe yingqophamlando ebalulekile.
UMnyango uthe lo mphumela udalwe ukugcizelelwa kokuziphendulela, kanye nokuqiniswa nokulungiswa kwezindlela zokulawula ukusebenza kwangaphakathi.
“Lo mbiko wokucwaningwa kwezimali ongenaphutha ukhulisa ukuzethemba ngeqhaza elizodlalwa uMkhandlu Wengqalasizinda Wesifundazwe ekuhleleni nasekusheshiseni ukulethwa kwengqalasizinda kulo lonke elakwaZulu-Natal. Lo mkhandlu usakhiwa njengamanje, kanti uMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi Nengqalasizinda KwaZulu-Natal yiwona osebenza njengonobhala wawo,” kusho uMnyango esitatimendeni ngoLwesibili.
UMnyango uthe ukuthola kwawo umbiko wokuqala wokucwaningwa kwezimali ongenaphutha kuphinde kubonise ukuzibophezela kwawo ekubeni yinhlangano ethuthukile nethembekile.
Lokhu kuzokwenza uMnyango ubonakale njengozakwethu onokwethenjelwa ongasebenzisana ngempumelelo nezinkampani ezizimele, abatshalizimali, abathuthukisi kanye nezikhungo ezinkulu zezimali. Inhloso yalokhu kubambisana ukuvula amathuba angenamkhawulo okuthuthukiswa kwengqalasizinda nokukhuliswa komnotho.
Ngesikhathi uMphathiswa Wezemisebenzi Yomphakathi Nengqalasizinda KwaZulu-Natal, uMartin Meyer, eqokwa kulesi sikhundla eminyakeni emibili edlule, wabeka ukutholakala kombiko wokucwaningwa kwezimali ongenaphutha njengenye yezinto ezibalulekile ayezozibeka eqhulwini. Lokhu kwakuzofezwa ngokuqinisa izindlela zokulawula ukusetshenziswa kwezimali.
UMeyer unikele le mpumelelo ezakhamuzini ezijwayelekile zaKwaZulu-Natal kanye nababambiqhaza abaqhubeka nokweseka imizamo yoMnyango yokuguqula nokulungisa ukusebenza kwawo, naphezu “kwemizamo eminingi yabathile abazame ukuphazamisa lezi zinhlelo.”
UMphathiswa uphinde wancoma iNhloko yoMnyango, uDkt Vish Govender, kanye nezikhulu zoMnyango ngeqhaza labo ekufinyeleleni le ngqophamlando.
“UGovender uhole umkhankaso oqinile nongantengantengi wokuqinisekisa ukuthi yonke imisebenzi yoMnyango kanye nezikhulu zawo kuhambisana nale ngqophamlando eyingqayizivele nebalulekile esifinyelelwe,” kusho uMeyer.
— SAnews.gov.za

