
UMengameli Cyril Ramaphosa usememezele ngokusemthethweni uLwesithathu, mhlaka-4 Novemba 2026,
ZOLEKA RADEBE
UMengameli Cyril Ramaphosa usememezele ngokusemthethweni uLwesithathu, mhlaka-4 Novemba 2026, njengosuku lweholide lomphakathi eNingizimu Afrika ukuze izakhamuzi zithole ithuba lokuvota okhethweni lohulumeni basekhaya.
Lesi sinqumo senziwe ngaphansi koMthetho Wezinsuku Zamaholide Omphakathi, kulandela ukumenyezelwa komhla zizi-4 kuNovemba njengosuku lokhetho nguNgqongqoshe woBambiswano lokuBusa neziNdaba zoMdabu, uVelenkosini Hlabisa.
URamaphosa uthi sekubalulekile ukuthi abantu baqale ukugxila ekulungiseleleni ukhetho, njengoba umjaho wokhetho usuqalile.
Uphinde wanxusa abantu baseNingizimu Afrika, ikakhulukazi intsha, ukuthi babhalise njengabavoti futhi baphume ngobuningi bayovota.
UMengameli uthe ukwandisa isibalo sabantu abavotayo kumele kube yinto ebalulekile, njengoba ukhetho lunikeza izakhamuzi ithuba lokukhetha abaholi abazobaphatha emiphakathini yabo.

