
UNgqongqoshe wezeziMali kuzwlonke uMnu Enock Godongwane ethula Isabelomali se Budget Mid Term ka 2026 ePhalamende
SHEILA MHLONGO
UNgqongqoshe wezeziMali eNingizimu Afrika, u-Enoch Godongwana, umemezele ngoLwesithathu ukuthi imali engeniswa uhulumeni ngokuqoqwa kwentela ngonyaka wezimali ka-2026/27 senyuswe ngo-R17.1 billion.
Lokhu kwenyuka kudalwe ukuqoqwa kwemali yentela engaphezu kwaleyo ebilindelekile, ikakhulukazi intela ekhokhwa yizinkampani ngenzuzo yazo, intela ekhokhwa ezinzuzweni ezabelwa abatshalizimali (dividends tax), kanye neNtela Yempahla Nezinsizakalo (VAT).
Lesi sibikezelo esisha sikhombisa ukuthuthuka kwemali okulindeleke ukuthi iqoqwe nguhulumeni uma kuqhathaniswa nesibikezelo esakhishwa ngoFebhuwari.
UNgqongqoshe uGodongwana, ethula isitatimende senqubomgomo yesabelomali sesikhathi esimaphakathi (Medium-Term Budget Policy Statement – MTBPS) ePhalamende, uthe ingxenye enkulu yalokhu kuthuthuka idalwe ukwenyuka kwamanani ezimbiwa phansi nezinye izimpahla ezithengiswa ezimakethe zomhlaba.
Uphinde waxwayisa ngokuthi le nzuzo ingase ingaqhubeki isikhathi eside njengoba kulindeleke ukuthi umthelela wokwenyuka kwamanani walezi zimpahla unciphe eminyakeni ezayo.
“Ingxenye enkulu yalokhu kuthuthuka ibangelwe ukwenyuka kwamanani ezimpahla ezithengiswa ezimakethe zomhlaba. Nokho, kulindeleke ukuthi le nzuzo inciphe esikhathini esimaphakathi. Sekukonke, imali yentela eqoqwa nguhulumeni kulindeleke ukuthi inyuke isuka ku-R2.14 trillion kulo nyaka iye ku-R2.53 trillion ngonyaka wezimali ka-2029/30,” kusho uGodongwana.
I-SARS IYAQINISA EKUQOQWENI KWENTELA
UNgqongqoshe uthe i-South African Revenue Service (SARS), okuyisikhungo esibhekele ukuqoqwa kwentela eNingizimu Afrika, iyaqhubeka nokuqinisa izinhlelo zayo zokuqoqwa kwentela kanye nokuqinisekisa ukuthi abantu nezinkampani bayayithobela imithetho yentela.
Uthe i-SARS iphinde ibambe iqhaza elibalulekile emizamweni kahulumeni yokulwa nomnotho ongekho emthethweni, ikakhulukazi ukuhweba ngotshwala nogwayi ngokungemthetho.
Ngokusho kukaGodongwana, i-SARS isebenzisa ubuchwepheshe besimanje kanye nezindlela eziqinile zokuhlola izimpahla ezingenayo neziphumayo ezweni.
Lezi zindlela zihlanganisa ukuskenwa kwezimpahla ezithuthwayo, ukusetshenziswa kobuchwepheshe bokulandelela imikhiqizo kusukela lapho ikhiqizwa khona kuze kube yilapho ithengiswa, kanye nokuqiniswa kokusebenza kwezikhulu eziphoqelela ukuthotshelwa kwemithetho.
“Ngokuthuthukisa izinhlelo zokuhlolwa kwezimpahla kanye nokuqoqwa kwentela, okubandakanya ukuskenwa kwezimpahla, ukulandelelwa kwemikhiqizo kanye nokuqiniswa kokuphoqelelwa komthetho, i-SARS iphazamisa amanethiwekhi avumela ukuhweba ngokungemthetho,” kusho uGodongwana.
UNgqongqoshe uphethe ngokuthi uhulumeni uzokwethula umbiko onemininingwane eyengeziwe mayelana noHlelo Lukazwelonke Lokulwa Nomnotho Ongekho Emthethweni (National Illicit Economy Disruption Programme) ngesikhathi kwethulwa isabelomali sikazwelonke ngonyaka ozayo.
Umthombo: SAnews.gov.za | 21 Okthoba 2026

