

ESITHOMBENI –USihlalo weKomidi Lezinsiza Zomphakathi, iKhansela uZama Sokhabase, uvula ngokusemthethweni kabusha indawo yokubhukuda yase-Umlazi BB esilungisiwe. Le ndawo isinedamu lokubhukuda elingamamitha angu-50 ubude kanye nedamu elenzelwe izingane ngokukhethekile, ngenhloso yokukhuthaza ukuphepha emanzini nokuthuthukisa ezemidlalo
SHEILA MHLONGO
UMasipala waseThekwini uvule ngokusemthethweni kabusha idamu lokubhukuda lase-Umlazi BB, elingamamitha angu-50 ubude, ngoLwesihlanu, mhla ziyi-16 kuMfumfu 2026. Uphinde wethula izinkundla ezintsha zemidlalo eyehlukene, njengengxenye yokutshala imali ekuthuthukiseni ezokungcebeleka, ezemidlalo kanye nokufukula intsha emphakathini, njengoba kusondela isikhathi samaholidi okuphela konyaka.
Idamu lokubhukuda belidinga ukulungiswa okukhulu kulandela ukulimala kwalo. Umsebenzi wokulivuselela wenziwe ngezigaba ezintathu, kanti isigaba sokuqala saqala ngoNhlaba 2025.
Indawo esilungisiwe manje isinendawo yokubhukuda eyenzelwe izingane ngokukhethekile. Lokhu kuzovulela izingane amathuba okufunda ukubhukuda, ukuqonda izindlela zokuphepha emanzini kanye nokuthuthukisa amakhono azo endaweni efanele nephephile.
Ukuvulwa kabusha kwaleli damu kuqinisa imizamo kaMasipala yokugcina nokuthuthukisa izindawo zomphakathi zokungcebeleka. Njengamanje, kunezindawo zokubhukuda ezingama-43 ezisebenzayo ngaphansi kukaMasipala waseThekwini.
Ngaphandle kokubhukuda, le ndawo isiguqulwe yaba isikhungo sokuthuthukisa amakhono ezemidlalo kanye nokufukula intsha.
UMasipala wakhe izinkundla ezintsha ezizosetshenziselwa imidlalo eyehlukene okubalwa kuyo ibasketball, ithenisi, inetball, ivolleyball kanye nebhola likanobhutshuzwayo elidlalelwa ezinkundleni ezincane.
Lezi zinkundla kuhloswe ngazo ukukhuthaza ukuzibandakanya kwezakhamuzi kwezemidlalo kanye nokuphila impilo enempilo.
Ekhuluma ngesikhathi sokuvulwa ngokusemthethweni kwalezi zindawo, uSihlalo weKomidi Lezinsiza Zomphakathi, iKhansela uZama Sokhabase, uthe lezi zikhungo zizodlala indima enkulu ekuthuthukiseni amakhono entsha.
“Ngalezi zikhungo sifuna ukukhulisa amakhono ezemidlalo, sinike intsha amathuba okuthuthukisa amakhono ayo futhi siyisize ukuba ingazitholi isizulazula emigwaqweni.
“Ezemidlalo zidlala indima ebalulekile ekufundiseni ukuziphatha kahle, ukukhuthaza impilo enempilo kanye nokuvulela intsha yethu amathuba amahle ekusaseni,” kusho uSokhabase.
Uphinde wanxusa umphakathi ukuba uzibheke njengezawo lezi zikhungo, uzisebenzise ngendlela efanele futhi uzivikele ekulinyazweni ngabantu abacekela phansi impahla yomphakathi.
“Sinxusa umphakathi ukuba uzinakekele lezi zikhungo, uzisebenzise ngokuzibophezela futhi uzivikele ekucekelweni phansi ukuze zikwazi ukusiza nezizukulwane ezizayo,” kusho yena.
UMasipala uphinde wakhipha isexwayiso kubantu abazosebenzisa idamu lokubhukuda ukuba bahlale belalela imiyalelo yabasebenzi kanye nabatakuli basemanzini abasuke besemsebenzini.
Abazali nababheki bezingane banxuswa ukuba bahlale beziqaphile izingane, ikakhulukazi uma ziseduze kwedamu noma zibhukuda.
Ukuvulwa kabusha kwedamu lokubhukuda lase-Umlazi BB kanye nokwethulwa kwezinkundla zemidlalo eyehlukene kukhombisa ukubaluleka kokutshala imali ezikhungweni zomphakathi ezifinyeleleka kalula.
Lezi zikhungo kulindeleke ukuba zikhuthaze ezokungcebeleka, ubumbano emphakathini, impilo enhle kanye nokuthuthukiswa kwamakhono abasubathi bakusasa.
Umthombo: Uphiko Lwezokuxhumana Nezokumaketha lukaMasipala waseThekwini.

