
ESITHOMBENI: IMeya kaMasipala weTheku, uKhansela Cyril Xaba, kanye neMenenja yeDolobha, uMusa Mbhele, bamukele izethembiso zokutshalwa kwezimali ezilinganiselwa ku-R124.58 billion, ezitholakale engqungqutheleni yokutshalwa kwezimali KwaZulu-Natal ka-2026, ebibanjwe kanye nombukiso wezimboni zezimoto iSouth African Automotive Week, e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre, kusukela mhla ziyi-13 kuya ku-16 kuMfumfu.
SHEILA MHLONGO
UMasipala weTheku uzwakalise ukujabula ngezithembiso zokutshalwa kwezimali ezilinganiselwa ku-R124.58 billion, ezimenyezelwe engqungqutheleni yokutshalwa kwezimali KwaZulu-Natal (KwaZulu-Natal Investment Conference) ka-2026.
Le ngqungquthela ibibanjelwe e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), eThekwini, kusukela mhla ziyi-13 kuya kumhla ziyi-16 kuMfumfu (Okthoba) 2026, ihambisana nomcimbi we-South African Automotive Week.
Phakathi kwamaphrojekthi amakhulu amenyezelwe, angu-18 ahlobene ngqo neTheku, anenani elilinganiselwa ku-R38.538 billion.
Kulindeleke ukuthi la maphrojekthi asize ekukhuliseni umnotho, athuthukise izimboni zokukhiqiza imikhiqizo kuleli, aphinde avulele abantu amathuba emisebenzi.
Kuhlelwe ukuthi ukuqaliswa kwala maphrojekthi kwenzeke esikhathini esiyizinyanga ezingama-36.
IMEYA ITHEMBISA UKUTHUTHUKISA UMNOTHO NETHEKU
IMeya yeTheku, uKhansela Cyril Xaba, iphinde yaqinisekisa ukuthi uMasipala uzoqhubeka nokuheha abatshalizimali ngokuthuthukisa ingqalasizinda nokwenza kube lula ukuqhuba amabhizinisi kuleli dolobha.
UXaba uveze ukuthi iTheku linamaphrojekthi amakhulu okuvuselela nokuthuthukisa umnotho anenani elilinganiselwa ku-R217 billion.
Phakathi kwawo kubalwa:
- ISibaya Precinct: Iphrojekthi yentuthuko elinganiselwa ku-R25 billion.
- IDurban Bay nePoint Waterfront: Amaphrojekthi entuthuko alinganiselwa ku-R35 billion.
Lezi zinhlelo kuhloswe ngazo ukuheha abatshalizimali, ukukhulisa umnotho nokudala amathuba emisebenzi kubahlali.
UMASIPALA UZIMISELE NGOKUVULA AMATHUBA EMIBHIZINISI
IMenenja yeDolobha laseThekwini, uMusa Mbhele, ithe lezi zithembiso zokutshalwa kwezimali zikhombisa imiphumela yemizamo kaMasipala yokwakha ukwethenjwa ngabatshalizimali.
Uthe uMasipala uyaqhubeka nokukhuthaza ukuphathwa kwezimali ngendlela esobala, ukunciphisa ukubambezeleka kwezicelo zamabhizinisi nokwenza kube lula ukuthi abatshalizimali baqale amaphrojekthi abo.
UMbhele uthe ukuxhumana okuqhubekayo nabatshalizimali, uhlelo lokuvuselela idolobha i-Inner City Regeneration kanye nenqubomgomo yokukhuthaza ukuthuthukiswa komnotho kusiza ekuheheni amabhizinisi amasha.
Ugcizelele ukuthi inhloso akukhona nje ukuthola izithembiso zemali, kodwa ukuqinisekisa ukuthi leyo mali iyatshalwa ngempela ukuze izakhamuzi zihlomule.
KULINDELEKE AMATHUBA EMisebenzi ECORNUBIA
Ekhuluma engqungqutheleni ebidingida ezokuthutha impahla, ingqalasizinda kanye nokuhwebelana, uMbhele uthe iTheku lisendaweni ekahle kakhulu kwezohwebo.
Lokhu kungenxa yokuba nechweba elikhulu, imigwaqo kanye nojantshi bezitimela abaxhumanisa iTheku nezinye izindawo zaseNingizimu Afrika, e-Afrika nasemhlabeni.
Uveze ukuthi endaweni yaseCornubia sekutshalwe imali engaphezu kuka-R2.1 billion.
Kuze kube manje, sekudaleke amathuba emisebenzi angaba ngama-300 emkhakheni wezokwakha, kanti kulindeleke ukuthi esikhathini esizayo kudaleke eminye imisebenzi ecishe ibe ngu-2 000.
ITHEKU LIZOSINGATHA IZITHUNYWA ZAMAZWE OMHLABA
UMbhele uphinde wamemezela ukuthi iTheku lilungiselela ukwamukela izithunywa ezivela emazweni ahlukene emhlabeni, ezizohambela ingqungquthela ye-reSURGEnce Durban Conference.
Le ngqungquthela izobanjwa kusukela mhla zingama-24 kuya kumhla zingama-28 kuMfumfu (Okthoba) 2026.
Inhloso yayo ukuqinisa ubudlelwano namazwe angaphandle, ukuhlanganisa osomabhizinisi baseThekwini nabamazwe omhlaba nokuvula amathuba amasha okuhwebelana.
UMbhele uthe iTheku livulelekile kubo bonke abafisa ukutshala izimali nokusungula amabhizinisi.
Ugcizelele ukuthi uMasipala uzoqhubeka nokuthuthukisa ingqalasizinda, ukususa izithiyo ezibambezela ukutshalwa kwezimali nokuqinisekisa ukuthi lezi zithembiso zigcina seziletha ukukhula komnotho okusimeme namathuba kubahlali.
Umthombo: UMnyango Wezokumaketha Nezokuxhumana kuMasipala weTheku.

