
USnethemba Mbatha, ongowokuqala KwaZulu-Natali ukunqoba umncintiswano wokubhaka i-Snowflake Rising Stars 2026,
DURBAN: USnethemba Mbatha, ongowokuqala KwaZulu-Natali ukunqoba umncintiswano wokubhaka i-Snowflake Rising Stars 2026, uzobe ekhombisa ngemikhiqizo yebhizinisi lakhe i-ChefS’ne_M enxanxatheleni yezitolo i-Gateway Theatre of Shopping, kusukela mhla zi-5 kuya ku-8 Novemba 2026.
UMbatha, odabuka eMzinyathi, eNdwedwe, uhlomule ngesicoco sokuba ngumpetha wokuqala walo mncintiswano esifundazweni, obubanjelwe eThekwini mhla ziyi-10 Okthoba 2026.
Uhehe amajaji ngesikhathi ethula uhlelo lwebhizinisi lakhe, ekhombisa ikhekhe le-red velvet cheesecake abelilungiselele kusenesikhathi, waphinde wakhombisa ikhono lakhe ngokulungisa uphudingi ophefumulelwe yisikhathi sentwasahlobo ngemizuzu engama-90.
Abathandi bokubhaka nomphakathi bayamenywa ukuba bavakashele e-Gateway, lapho bezothola khona ithuba lokuhlangana noMbatha, banambithe imikhiqizo yakhe, baphinde bathole ulwazi lokuthi bangayi-oda kanjani. Kuzophinde kube nezipho zakwaSnowflake nemiklomelo ezowinwa.
Abafisa uku-oda imikhiqizo ye-ChefS’ne_M bangaxhumana noSnethemba ku-082 220 4748, noma bathumele i-imeyili ku-snethembambatha114@gmail.com. Bangamlandela naku-Instagram ekhasini elithi @chef.sne_m.
Umbuzo kubafundi: Ngabe ucabanga ukuthi imincintiswano efana ne-Snowflake Rising Stars ingabasiza kanjani osomabhizinisi abasafufusa, ikakhulukazi intsha yasemakhaya?
Isithombe: Kusukela kwesobunxele kuya kwesokudla: USamukelo Nkosi, onguchwepheshe wezokuthuthukiswa komphakathi KwaZulu-Natali enkampanini i-Premier; uSibongile Mooko, oyisikhulu sezokumaketha kwaPremier; uSnethemba Mbatha, ophume phambili emncintiswaneni we-KwaZulu-Natal Snowflake Rising Stars 2026; noRemolebogile Masupye, ongumphathi womkhiqizo wakwaSnowflake.

