
UMnu Nhlanhla Khumalo echaza ngezindaba ezimayelaa ne UIF ngesikhathi uMnyango Wezabasebenzi ubambe umhlangano nezintatheli eKokstad
SHEILA MHLONGO | KZN NAMUHLA
UMnyango Wezokuqashwa Nezabasebenzi (Department of Employment and Labour) usukhuthaze abaqashi nabanikazi bamabhizinisi ukuthi bathobele imithetho yezokuqashwa, babhalise abasebenzi babo esikhwameni somshwalense wabaphelelwe umsebenzi, i-Unemployment Insurance Fund (UIF).
Lokhu kugcizelelwe emhlanganweni obubanjelwe e-ANEW Hotel & Resort eKokstad, ngoLwesine, mhla ziyi-19 kuLwezi 2026, lapho izikhulu zoMnyango bezihlangene khona nabaqashi kanye nabezindaba.
UMnu. M. Mkhumalo, osebenza ophikweni lwe-UIF Benefits, ugcizelele ukuthi kubalulekile ukuthi abaqashi babhalise abasebenzi babo futhi bakhokhe iminikelo ye-UIF njalo ngenyanga.
Uthe ukungalandelwa kwemithetho ngabanye abaqashi kungadala izinkinga kubasebenzi uma sekufanele bafake izicelo zokuthola izimali zabo ze-UIF.
IKHOKHWA KANJANI IMALI YE-UIF?
Ngokomthetho, umsebenzi kufanele kudonswe u-1% emholweni wakhe nyanga zonke, bese umqashi naye efaka u-1%. Lokhu kusho ukuthi isamba esikhokhelwa i-UIF singu-2% womholi ofanele ukubalelwa umnikelo, ngaphansi komkhawulo obekwe ngumthetho.
Isibonelo: Uma umsebenzi ehola u-R5 000 ngenyanga:
- Umsebenzi ukhokha u-R50.
- Umqashi ufaka u-R50.
- Isamba esiya ku-UIF siba ngu-R100 ngenyanga.
Umqashi kufanele akhokhe le mali kwa-UIF noma kwa-SARS kungakadluli umhla ziyisi-7 enyangeni elandelayo. Uma lolu suku lungelona olokusebenza, kufanele akhokhe ngaphambi kwalo.
UMSEBENZI UFAKA NINI ISICELO SE-UIF?
Umsebenzi ophelelwe umsebenzi ngenxa yokudilizwa, ukuphela kwenkontileka noma ezinye izizathu ezivunyelwe ngumthetho kufanele afake isicelo zingakapheli izinyanga eziyi-12 kusukela ngosuku aphelelwa ngalo umsebenzi.
Umuntu oshiye umsebenzi ngokuzithandela ngokuvamile akafanele ukuthola le mali, ngaphandle kwezimo ezithile ezivunyelwe ngumthetho.
I-UIF IYIKHOKHA NINI IMALI?
Uma isicelo sesifakiwe, i-UIF kufanele isihlole, iqinisekise imininingwane yomsebenzi kanye neminikelo yakhe.
Ngokwenqubo eshicilelwe yi-UIF, isicelo esiphelele singahlolwa zingakapheli izinsuku eziyi-15, kodwa lokhu akusho ukuthi imali izongena ebhange zingakapheli lezo zinsuku.
Uma isicelo sesivunyiwe, umsebenzi uyaziswa ngezinyathelo zokucela inkokhelo. Imali ikhokhelwa ku-akhawunti yasebhange yomuntu ofake isicelo, ngemva kokuqinisekiswa kwemininingwane.
Kubalulekile ukuqonda ukuthi i-UIF ayikhokhi wonke umuntu ngosuku olufanayo. Isikhathi sokukhokhwa sincike ekuvunyweni kwesicelo, ekuqinisekisweni kwemibhalo nasekuqhubekeni kwenqubo yokukhokha.
Inani lemali umuntu ayitholayo lincike emholweni wakhe wangaphambilini kanye namalungelo okukhokhelwa awaqongelele. Abafanelekile bangathola izibonelelo ezifika ezinsukwini ezingama-365, kuye ngamalungelo abawatholile.
KWENZEKANI UMA UMSEBENZI ESHONA?
UMkhumalo uphinde wagcizelela ukuthi abasebenzi kufanele banikeze abaqashi imininingwane yabantu abangase bafanele ukuthola izibonelelo ze-UIF uma beshona.
Lokhu kungaba ngumlingani womshado, izingane noma abanye abantu abaqokwe ngokusemthethweni.
Ngokwemithetho ye-UIF, umlingani womshado noma ophila naye angafaka isicelo zingakapheli izinyanga eziyi-18 kushone umsebenzi. Izingane ezondliwayo kanye nabanye abaqokiwe nabo bangaba nelungelo lokufaka izicelo, ngokulandela imibandela ebekiwe.
Ukuqokwa komuntu akusho ukuthi uzokhokhelwa ngokuzenzakalelayo, ngoba i-UIF iqala ngokubheka amalungelo abantu abathembele kumufi ngokomthetho.
ABAFUNDI BANGALUTHOLAPHI USIZO?
Abasebenzi bangaya emahhovisi oMnyango Wezokuqashwa Nezabasebenzi aseduze nabo, bephethe umazisi, imininingwane yasebhange kanye nemibhalo efanele evela kumqashi.
Izicelo ze-UIF zingafakwa nangohlelo lwe-inthanethi olusemthethweni:
Ukubhalisa nokukhokha iminikelo ngabaqashi:
Inombolo yosizo ye-UIF: 0800 030 007
UMBUZO KUBAFUNDI BE-KZN NAMUHLA
Ingabe wake wabhekana nenkinga yokubambezeleka kwemali ye-UIF, noma wathola ukuthi umqashi wakho ubengayikhokhi nakuba ibanjwa emholweni wakho?

