Kusingathwe umcimbi  wabasebenzi  owaziwa nge- Employee Perfomance Appraisal eDanganya Clinic

.ESITHOMBENI : Sister Hillaria Thulile Maphumulo uMphathi waseDanganya Clinic ngaphansi  kwe Prince Mshiyeni Memorial Hospital, Clinical Nurse Practitioner, Ms. N. S. Mkane , Assistant Nursing Manager, Mrs. Risha Pillay, Clinical Nurse Practitioner…Mrs TP  Kirsten, Professional Nurse… S Maistry , Clinic Nurse Practitioner. TN Ntshele, Clinical Nurse Practitioner. NN Ntinyana

SHEILA MHLONGO

IDanganya Clininc eMgababa eningizimu yeTheku isingathe umcimbi wokuhlolwa komsebenzi owenziwa abasebenzi (Employee Performance Appraisal) okungenye yezindlela ezibalulekile ezisetshenziswa ezikhungweni zezempilo, okubalwa kuzo umtholampilo  ngenhloso yokuthuthukisa ukusebenza kwabasebenzi kanye nezinga lezinsiza ezihlinzekwa emphakathini.Lomcimbi ubungoLwesithathu lomhlaka 25 Novemba khona eDanganyaClinic.

UMphathi weDanganya Clinic uSister H.T Maphumulo uchaze lolu hlelo ngokuthi luhlose ukuhlola indlela abasebenzi abenza ngayo imisebenzi yabo kanye negalelo labo ekuthuthukiseni isikhungo esikhathini esibekiwe. Ukuhlolwa kwenziwa ngokulandela isivumelwano sokusebenza esisayinwe phakathi komqashi nomsebenzi.

Lolu hlelo lubalulekile kulezi zinto ezilandelayo:

  • Ukuhlonipha nokuncoma abasebenzi abenza kahle emisebenzini yabo.
  • Ukuhlonza izidingo zokuqeqeshwa nokuthuthukiswa kwamakhono abasebenzi.
  • Ukubeka imigomo emisha yokuthuthukisa ukusebenza.
  • Ukuhlonza nokulungisa izindawo lapho ukusebenza kungagculisi khona.
  • Ukusiza abaphathi ekuthatheni izinqumo mayelana nokukhushulwa kwamaholo, imiklomelo nokukhushulelwa ezikhundleni, ngokwemigomo ebekiwe.

Ukuhlolwa kokusebenza kwabasebenzi akuhlosiwe ngakho  ukugxeka kuphela, kodwa kuhloswe ngakho ukukhuthaza ukuzinikela, ukuziphendulela, ukubambisana kanye nokwenza umsebenzi osezingeni eliphezulu.

Konke lokhu kunomthelela ekuthuthukiseni izinga lokunakekelwa kweziguli kanye nokwakha ubudlelwano obuhle phakathi kwabasebenzi bezempilo nomphakathi abawusebenzelayo.

UMBUZO KUBAFUNDI: Ngabe uyeneliseka yindlela abasebenzi bezempilo abakuhlinzeka ngayo ngezinsiza emtholampilo wangakini?

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *