SAMUKELISIWE MBONAMBI
Ibamba CEO loMnyango wezokuvakasha, uThemba Khumalo, ukuqinisekisile ukuthi zikhona izinhloso zokusayina isivumelwano sokukhangisa neTottenham Hotspur edlala kuPremier League, kodwa wachitha izinsolo zokuthi isivumelwano sesivaliwe.
Iphephandaba iFARPost news libike ukuthi uhulumeni waseNingizimu Afrika ulungiselela isivumelwano esibiza u-R1 billion sokuxhasa iTottenham Hotspur. Lesi siphakamiso sihlangabezane nokugxekwa okukhulu ngababambe iqhaza abahlukene eNingizimu Afrika, kanti abanye bakubone njengethuba lokuthuthukisa ezokuvakasha.
Umxhasi uzobona igama laseNingizimu Afrika emkhonweni weqembu le-English Premiership kusukela ngo-2024 kuze kube ngu-2027 kanti no hulumeni waseRwanda uthathe indlela efanayo ne-Arsenal.
“Indaba indlela esibekwa ngayo ayisilo iqiniso. Kwaputshuka ngaphandle komongo futhi yonke le nto yayingagwenywa ukube sesibile nezingxoxo ngokuthi kungani senza lokhu,” kusho uKhumalo esithangamini nabezindaba.
“Ibhodi lenze ukugunyaza okunemibandela futhi umbandela wawungukuthi sikholelwa ukuthi lokhu kwezentengiso kwenza ingqondo, kodwa bekusamele kubandakanywe uNgqongqoshe, uMqondisi Jikelele, uMgcinimafa kanye neziFundazwe.
“Kodwa ngaphambi kokuthi sikwenze lokho, lolu daba bese lusesidlangalaleni. Ngakho-ke bonke abathintekayo abathi akuzange kukhulunywe nabo kuyiqiniso besisasendleleni ingakaputshuki lento,” echaza.
“Kube nombuzo wokuthi ngabe ikhona yini inkontileka esayiniwe nenhlangano, Cha yikho inkontileka esayiniwe kube nengxoxo etafuleni nebhodi . Ingabe ikhona inhloso? nakanjani.”
UKhumalo uphinde wacacisa ukuthi uNgqongqoshe wezokuVakasha, uNksz Lindiwe Sisulu, ubengakachazelwa ngokugcwele ngalesi siphakamiso.
“UNgqongqoshe ubengakatshelwa lutho ngoba kumele kuze kube kufika isinqumo sokuthi ibhidi liyawuseka umbono noma cha ngakho-ke ayikho indlela yokuthi uNgqongqoshe ubengazi ngemininingwane yalesi sivumelwano ngaphambi kokuba ibhodi lithathe isinqumo” kuphetha uKhumalo

