ULindelwa Mgijima ucela abantu bamuqashe ukuze athole imali yokuqopha umculo

ULindelwa Mgijima (36) odabuka endaweni yase-Eastern Cape, eMatatiele kodwa otholakala eChartsworth ngokokuhlala ungene emkhakheni yezomculo wokholo ngonyaka ka-2019 ngenyanga kaNovember ngestage name sikaLindy Dlamini kanti selokhu aqala ukucula usakwaze ukuqopha i-Album eyodwa.

Ekhuluma nephephandaba lomphakathi iKZN Namuhla uthe “selokhu ngingene emkhakheni womculo ngize ngakwazi ukukhipha i-Album yami yokuqala ngonyaka ka2022 ngenyanga ka-April enezingoma ezithi LESIMO SIYADLULA, VUME KANJANI ukubala ezimbalwa , naku lonyaka ngiyafisa ukuqopha kodwa inkinga ngidonsa kanzima njengoba ngiyiciko elizimele okumele lithathe yonke into ephaketheni layo uma liqopha ngakho bengicela ukuthi nanoba ubani ofisa ukulula isandla angixhase ngemali ezongilekelela ukuthi ngikwazi ukuqhubekela phambili ngiqophe” kusho uLindy Dlamini.

Ephetha inkulumo yakhe uthe uyafisa abantu bazi ukuthi ungumuntu wesifazane odonsa kanzima kodwa akapheli amandla ngoba uyakholelwa ekutheni ubizwele ekutheni aduduze izinhliziyo eziphukileyo kanye nasebelahle ithemba ukuthi izimo ezinzima ziyadlula ngayo indlela yokuxhumana nabo ngomculo.

ULindy Dlamini uyafisa abahleli bemicimbi bamubhukhe  uma behlele imicimbi kanti nabaphathi bezindawo ezike zibe nemicimbi ukuze naye akwazi ukuthola imali yokuqubeka nakwenzayo, uma ufuna ukuxhumana naleli ciko ungamthinta kule nombolo: 0762359117 noma kuFacebook: Lindy. Umculo wakhe uyatholakala ekhasini lakhe lakuFacebook.