USakhile Khumalo (20) okhulele endaweni yaseNdwedwe kodwa oseNanda ngokokuhlala ungene endimeni yomculo ngonyaka ka-2017 ecula umculo weHip-Hop kanti usebenze nezinkampani ezimbili ezigaya umculo okuyi HoodLife Record kanye neWild Fam.
“Ukuya kwami kohlala endaweni yaseNanda kwangivulela amathuba okuthi ngingene endimeni yomculo nokuyinto ebengiyifisa, ngisebenze neWild Fam Record nokuyilona qembu engaqala ukusebenza nalo ngqa ngonyaka ka2017 kodwa indlela esisabambiseni kahle ngayo iyamangaza ngoba kuze kube inamhlanje sisasebenza ngokubambisana.
Ngonyaka ka2021 ngikhiphe iRemix yengoma kaDax enesihloko sithi Faster ft Tech9ine, ngonyaka ka2022 awukho umculo engiwukhiphile ngaphansi kwegama lani mculo phansi kwegama lami u- Emskay Kayson njengoba bengigxile kakhulu ezifundweni zami ngoba kade ngifunda uMatric” kusho u-Emskay Kayson ekhuluma nephephandaba lomphakathi.
Eqhuba inkulumo yakhe ngonyaka owedlule usebenze neWild Fam bakhipha i-EP enesihloko esithi: OFF2WILDPRIME enezingoma ezine(4) ezithi: SAMQE, LIZZY, EAZY & IDWD nacela ukuthi abantu bazi download kanti ngaphansi kwegama lakhe uthe unalezi zingoma MTASE, HOLD ON, MY WOMAN WORRIOR, DAX – FASTER (REMIX). Akufisa kakhulu ukuthola umuntu ongamsiza ngemali ukuze akwazi ukucula nomunye wabaculi asebephumelele kungaba u MusiholiQ, Nomfundo Moh noma uMaraza.
Uma ufisa ukuzwa umculo ka Emskay Kayson ungawubheka kuYoutube noma ulandele ikhasi lakhe lakuFacebook ukuze uthole ama link: Facebook: Sakhile Emskay Khumalo / Emskay Kayson uma ufuna ukuxhumana naye ungashayela kulezinombolo: 0810537848 / 0670479587.

