SAMUKELISIWE MBONAMBI
IKhomishana yokhetho yaseNingizimu Afrika (i-IEC) izoqhuba umkhankaso kazwelonke wokusiza abantu baseNingizimu Afrika ukuthi babhalisele ukuvota nge-inthanethi ukuze bavote okhethweni lukazwelonke nolweziFundazwe lwangowezi-2024.
I-IEC ithi lo mkhankaso onendikimba ethi “Ivoti Lakho Yizwi Lakho”, uzobonakala emithonjeni yezindaba ephrintiwe, kagesi neyedijithali.
“Abantu baseNingizimu Afrika abafanele ukuvota kulolu khetho bayakhuthazwa ukuthi basebenzise le ndlela engenazinkathazo nelula – i-Online Electoral Commission’s Online Voter Portal – ukubhalisela ukuvota okhethweni. Umkhankaso wokubhalisela ukuvota nge-inthanethi. Lo mkhankaso, oqondiswe kubantu baseNingizimu Afrika abaneminyaka eyi-16 nangaphezulu, uyingxenye yomkhankaso weKhomishana ohlanganisa izinto eziningi nokukhuthaza abantu baseNingizimu Afrika abafanelekile ukuba babhalise.
Abantu baseNingizimu Afrika bayakhuthazwa ukuthi babhalisele lapha: https://registertovote.elections.org.za

