Vikela imali yakho ungabi isisulu samaqola

THOBILE MBATHA

Lesimemezelo sikhishwe yibhange lakwa-Capitec sokuqaphelisa abantu ukuthi babheke abakhwabanisi bahlale beqhamuka namaqhinga amasha okuntshontsha imali.

Ubuqola okufanele ubuqaphele ilobu:

Ukuthenjiswa imali, i-airtime yamahhala noma amavawsha okuthenga ongakaze uyithole noma uyisebenze. Qaphela abantu abeza kuwe ezinxanxatheleni zezitolo, emgwaqeni bethi bamele imikhiqizo edumile, amavawsha okuthenga, konke mahhala wena nje umuzobanika ama-details akho.

Bajweyele ukusebenzisa amagama emikhiqizo namalogo ezinkampani ezidumile ukuze kubonakale kusemthethweni konke abakwenzayo kanti. Ungavumi ukukhipha inombolo yepasi, inombolo ye-account yasebhange kanye ne-pin iyimfihlo yakho akufanele ukuyinike omunye umuntu ongamazi.

uma usola ukuthi unikeze iqola imininingwane yakho shayela inombolo ethi: 0860 10 20 43.