UDktl. Nomcebo Mthembu uqhwashisa ngezinkinga obhekana nazo uma uya endlini encane nokubaluleka kokwazi kabanzi ngempilo yakho lokhu ukusho kwesinye seziteshi zomphakathi ukhulume wasicobelela ngokubaluleka kokwazi ukuthi into ephuma emzimbeni wakho “indle”isho ukuthini ngawe nempilo yakho.
Uphinde wachaza ukuthi “ukuzikhulula kuyimpilo futhi ikhona okukutshela ukuthi kwenzakalani ngaphakathi komuntu kahle kahle akufanele uzikhulule emuva kokudla kufanele uhlale noma usuku nohhafu (36 hrs), ungahlali nje kanti awusenampilo lokhu kuza emva kokuthi izwe lihlaselwe isifo sekhorela yingakho kubalulekile kakhulu ukuzinaka uma uyendlini yangasese ukuthi uzizwa kanjani.” echaza.
Uqhakambise ukuthi kubalulekile ukuthi indle inuke ngoba kunama bacteria abilisa ukudla ukuze kubole kuphume kahle ngaphakathi kepha uma iphunga selidlulele kusuke kukhombisa ukuthi kukhona inkinga ekhona ngaphakathi kumuntu. Ngakho uma usongelana kukhombisa ngokusobala ukuthi ihlale kakhulu emathunjini kwaze kwaphela amanzi emzimbeni okudala inkinga uma ngabe usuzikhulula. ephetha.

